KUKHALWA ngamaphoyisa angobhululu bezigebengu, umphakathi waseSidakeni, KwaSithebe, eMandeni, uzithathela umthetho, ubulala owesilisa osolwa ngokubulalisa omunye.
Kulesi sigameko, uMnuz Mnguni, igama lakhe elingatholakalanga, kuthiwa ushawe wumphakathi waze wafa ngoLwesihlanu. Isidumbu sakhe saze satholwa ngoMgqibelo esigangeni.
Umthombo olwazi ukusuka nokuhlala udaba uthe, umphakathi udinwe yisenzo sikaMnguni sokuwushonisa le, nale umphakathi.
“Lokhu ukwenze emva kokugonyuluka kwakhe ngokuthumela izigebengu ezaziwayo ukuthi ziyothumba uMnuz Ayanda Silawula ngoLwesine ebusuku, isidumbu sakhe esize satholwa ngoMgqibelo ehlathini elisendaweni,” kusho umthombo.
Ulandisa ngesisusa sodaba, uthe bekukhona izinsongo okuthiwa zenziwa nguMnguni kuSilawula esikhathini esifishane esedlule kulandela ingxabano yabo ngentambo kagesi.
“UMnguni wafika ezoqasha kubo kaSilawula ngo-2022, owagcina emdayisela indawo eseduze kwakubo maqede wamxhumisa nogesi. Emasontweni ambalwa edlule, kube nomngcwabo kwamakhelwane wabo, kwabizwa ugandaganda uzolungisa indawo kanti kuzolimala intambo,” kusho umthombo.
Uthe lokho kwaholela ekutheni ugesi uwise iswishi kubo kaSilawula, owagcina eyalela uMnguni ukuthi athenge intambo ukuze aqhubeke amxhumele ugesi.
“Akayizwisisanga kahle le uMnguni, wathi okungcono akabuyiselwe imali yakhe ayikhokha ngesikhathi emxhumela ugesi okokuqala, wala waphetha uSilawula,” kusho umthombo.
Uthe iqale lapho ke ingxabano yabo, uMnguni waze wasabisa ngokuthi uzomthumelela abantu abazomthumba bese beyambulala.
Uqhube wathi kuthe esethunjwa ngempela uSilawula, esecingwa ngoLwesihlanu, engasatholakali, umphakthi wakhumbula ukuthi uMnguni ubeke wamsongela, maqede wamlanda, wamtitiya ngenduku, uthi akakhulume iqiniso.
“Ugcine elikhuluma, esho ukuthi uye obathumile ukuthi bayomthumba, wathi kodwa yena akashongo ukuthi abambulale. Ubelokhu ekhomba amahlathi ehlukene, ethi akucingwe kuwo okuyinto ewudine kakhulu umphakathi,” kusho umthombo.
Uthe esekhombe ihlathi lesithathu, umphakathi uhlukane kabili, omunye waya kulelo hlathi ofike wamthola ngempela kulo uSilawula, omunye wasala utitinya yena uMnguni ngenduku, wamshiya efile.
“Amaphoyisa ethu awenzi lutho. Ngisho siwabikela awenzi lutho yikho umphakathi uvele wenza nje,” kusho umthombo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Xolan Mathonsi lithe umphakathi awuhleli kahle ngenxa yezigebengu ezizicanaselayo endaweni.
Uthe okudina umphakathi ukuthi zize ziwuchomele ngokuthi zona zingabangani namaphoyisa.
“Zize zibonakale, zizipholele nawo,” kusho uMathonsi, othe kwenzeka lesi sigameko nje, umphakathi uhlongoza imashi ozoyibhekisa esiteshini samaphoyisa endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseNyoni, aphenya icala lokubulala kulandela isigameko lapho kutholwe khona owesilisa oneminyaka engu-45 efile eManzamnyama Reserve ngoMgqibelo.