UNQGONGQOSHE wamaPhoyisa eNingizimu Afrika, uGeneral Bheki Cele uzovula ngokusemthethweni iziteshi zamaphoyisa ezine KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe wokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda.
Ekuvulweni kweziteshi ngokusemthethweni, uCele uzobe ephelezelwa wuMkhuzi wamaPhoyisa kuZwelonke, uGeneral Fannie Masemola noMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
Isiteshi sokuqala esizovulwa ngokusemthethweni yiGamalakhe Police Station esingaphansi kwesiFunda Ugu, ngoMsombuluko ngo-11 ekuseni.
Esesibili yiDonnybrook Police Station esingaphansi kwesiFunda iHarry Gwala. Sona sizovulwa ngokusemthethweni ngoLwesibili mhlaka 23 Ephreli ngo-11 ekuseni.
Esesithathu yiMelmoth Police Station okuhlelwe ukuthi sivulwe ngokusemthethweni ngo-Ephreli 30. Esokugcina yiManguzi Police Station okuhlelwe ukuthi sivulwe ngokusemthethweni ngoMeyi 3.
Kwenzeka lokhu nje uColonel Netshiunda uveze ukuthi ithimba lokuqala lamaphoyisa angu-10 000 aqashiwe lizo aqala ukuqeqeshwa ezikhungweni ezahlukene zokuqeqesha amaphoyisa.
Uthe ithimba lokuqala lamaphoyisa azoqala ukuqeqeshwa ngoMsombuluko mhlaka 22 Ephreli linabantu abangu-4500.
Elesibili linamalungu angu-5 500, lona lizoqala ukuqeqeshwa ngoJanuwari wonyaka ozayo.
Ukuqashwa kwalama phoyisa kungena ngaphansi konyaka wezimali u-2024/2025.
Ekuphothuleni kwawo ukuqeqeshwa, uthe azofakwa eziteshini ezibhekene nezinga eliphezulu lobugebengu, nasekuqinisekiseni ukuziphatha kahle kwabantu emphakathini.
Amaphoyisa angu-10 000 aqashiwe athathwe kuzona zonke izifundazwe.
Lokhu kuza emva kokuthi uMengameli weZwe uCyril Ramaphosa eminyakeni emithathu eyedlule enxuse ukuthi kwandiswe isibalo samaphoyisa ukuqeda ubugebengu.