UNGQONGQOSHE woMnyango wabesiFazane, iNtsha, iziNgane nabaKhubazekile uxwayisa abesifazane abasebenzayo ngamadoda angamaqola ashaya sengathi eze ngothando kanti azobaqola.
UNkk Sindisiwe Chikunga, uthe muva nje sekunamadoda athandana nabesifazane abasebenzayo njenhloso yokubalutha ukuze basule emisebenzini yabo ukuze bathole mali yempesheni bese eyabaqola.
" Lona umkhuba omusha osudlangile, abantu besifazane abaqaphele ngoba lawo madoda abesha amashushu ngothando ayanyamalala ngemuva kokuthi esethathe imali yabo kuthiwa kuyoqalwa ibhizinisi," kusho uChikunga.
UNkk Chikunga ubesho lokhu ngesikhathi ethula ngokusemthethweni izinhlelo zenyanga yabantu besifazane, ePitoli, izolo.
Uthe ziningi izinto eziwushintsho esezenziwe uhulumeni eminyakeni engu-30 ezibhekela abesifazane.
"Abesifazane ePhalamende ngo-1994 babengu-28%, ngo-2019 isibalo bese senyukele ku-45%. Emanyuvesi abesifazane abathole iziqu ibona abaningi. Izibalo zika-2017 zikhomba ukuthi bangu-61% abathole iziqu emanyuvesi, abesilisa bangu-38% Isibalo sabesifazane abasezikhundleni zokuphatha kuhulumeni nasezinkampanini ezizimele sisuke ku-20% ngo-2001 saya ku-36% ngo-2021," kusho yena.
Uqhube wathi ngo-1994 amajaji ayekhona ayengu-165 kuwo angu-160 kungamadoda angabelungu, amadoda amathathu kungabantu abamnyanga nabesifazane ababili abangabelungu.
"Ngo-2023 izibalo zikhomba ukuthi eNingizimu Afrika bekunamajaji angu-253 kuwo angu-113 ngabesifazane, u32% wawo ngabesifazane abamnyama. Siqala le nyanga nje umengameli usanda kuqoka umengameli wamajaji wokuqala ongumuntu wesifazane, uJustice Mandisa Maya," kusho uNk Chikunga.
Uthe ezinhlelweni ezihlelwe umnyango ezizokwenziwa kule nyanga kubalwa umbungazo kazwelonke ozoba sePuffader, eNamaqualand, eNorthern Cape, kuwo uMengameli Cyril Ramaphosa uzokwethula inkulumo yakhe. KwaZulu-Natal kuzoba nemashi yamadoda alwa nodlame lobulili ezobe iholwa yiSilo uMisuzulu kanye nePhini likamengameli uMnuz Paul Mashatile.