UNGQONGQOSHE kagesi ezweni uMnuz uKgosientsho Ramokgopa, umemezele ukuhoxiswa kwenqubo efakwe emqulwini kahulumeni, igazethi yesigaba 34 eyavula ithuba lokukhiqizwa kukagesi wenuzi kuleli.
“Ngiyayihoxisa igazethi ukuze ngivumele umphakathi ithuba lokuthi ubambe iqhaza,” kusho uRamokgopa.
Lolu hlelo luyingxenye yezinhlelo zokukhiqizwa kukagesi wezwe ngesikhathi esizayo uhulumeni asebenzela phezu kwazo ngaphansi kohlelo lwezinsiza oludidiyelwe -2019, i-Intergrated Resource Plan 2019. Ngokwalolu hlelo, u-2500MW womthamo kagesi ozophehlwa kusetshenziswa inuzi.
Echaza ngohlelo uRamokgopa, uthe badinga ukubeka lolu hlelo ekutheni umphakathi ubambe iqhaza ukuze konke okwenziwayo kube sobala.
URamokgopa uthe iNational Energy Regulator of South Africa (Nersa), yehlulekile ukwenza izingxoxo eziphelele mayelana nokuqalwa kanye nezindlela zokwenziwa kohlelo lukagesi, okuholele ekutheni kube nezinselelo zezomthetho. Kukhona abathile abakhala ngokungalandelwa kahle kwezinhlelo zokuqala uhlelo.
“Abebefake izikhalo bebethi uMnyango usubuya nombiko wokuthi uzohlangabezana kanjani nemibandela esikhundleni sokuthi iNersa ilungise eyakwenza yokuthi izihlelele yodwa. Bathi yayinesibopho sokudalula konke ngalolu hlelo ngombiko enawo ngesimo esingenzeka nesingeke senzeke uma kwenziwa lolu hlelo.
“Ngithe kwabakhalazayo, sinomthwalo wokuqinisekisa ukuthi uhlelo esilwenzayo umphakathi uyakwazi ukuluhlaziya, ugxeke ngokwakha kuhlanganisana nakho ukubheka isimo esingenaso isiqiniseko saso (suspensive condition)," kusho uRamokgopa.
Uqhube wathi uyavumelana nokushiwo abakhalazo ngokuthi iNersa bekumele ifake uhlelo enkundleni ezovumela ukuthi umphakathi ubambe iqhaza.
"Esingakufuni ukwakha phezu kwezinsolo zokuthi umnyango nohulumeni kukhona abakufihlela umphakathi. Ukuhoxiswa kwegazethi kuwukuqinisekisa ukuthi uhlelo luhlanzekile futhi lusobala. Yebo, ikhona inhlawulo oyikhokhayo ngenxa ngokubambezeleka kohlelo kodwa siyajabula ukulibazisa ukuze sivumele umphakathi ukuthi ube nezwi. Uhlelo luzolibaziseka ngezinyanga eziphakathi kwezintathu kuya kweziyisithupha," kusho uRamakgopa.