NKOSIKHONA CELE
UGXEKA isehlakalo sokudlwengulwa kwesalukwazi esineminyaka engu-92, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza.
Lesi sehlakalo esichazwa njengesihlasimulisa umzimba, kuthiwa senzeke eJozini.
Isalukazi kuthiwa sidlwengulwe nomzukulu waso oneminyaka engu-11 ubudala.
Umsolwa kuthiwa ugasele emzini wesaguga ngezithuba zakusihlwa waqala ngokubasabisa ngaphambi kokuba abadlwengule.
“Sidlulisa ukumangala kwethu okukhulu ngokuhlukunyezwa okubi kangaka okubhekiswe kumuntu omdala ngalolu hlobo nakumzukulu wakhe,’’ kusho uNkk Khoza.
Eqhuba, uthe kuyichilo elikhulu ukuthi kusenabantu kulesi sikhathi abangenamahloni okwenza izenzo eziveza ubudlwembe nokungabi naluzwelo.
Unxuse ingalo yomthetho ukuba ibhukule yenze isiqiniseko sokuthi abenzi bobubi bayatholakala ngokukhulu ukushesha.
Uthe bafisa ukuthi kube nobulungiswa mayelana nalolu daba aluchaze njengolubucayi kakhulu.
Ugcizelele ukuthi ukusebenzisana phakathi kwamalungu omphakathi nezinhlangano zomphakathi kungathela izithelo ezinhle linqotshwe idimoni lokudlwengulwa kwabantu abadala nezingane.
“Kumele sonke sisebenzisane senze isiqiniseko sokuthi izenzo zalolu hlobo ziyagwemeka,’’ esho.
Ungqongqoshe udalule ukuthi kunezinhlelo abazihlongozayo abahlose ngazo ukulwa nenkiyankiya yokuhlukunyezwa kwezaguga nezingane.
Uphosele izinhlaka ezahlukene ezikhona emphakathini inselelo yokuthi kube khona okwenziwayo ukuze zinciphe izigameko zalolu hlobo.
Esephetha ungqongqoshe uveze ukuthi kunethimba losonhlalakahle eselijutshwe ukuba lihambele kulo mndeni ngenhloso yokunikezela ngosizo.