BEKUKHONA nengane enonyaka, unina nabantwana abathathu bengqongqa elolini umnikazi walo okunguyise walezi ngane.
Izidumbu zitholakale emgwaqweni oyibhuqu ophakathi kwaseMabate naseTshiame B-Khalanyoni, eHarrismith ngoMsombuluko ekuseni.
Obedlula ngendlela kuthiwa uzame ukubhula amalangabi, kwanhlanga zimuka nomoya, wase ehlaba umkhosi ebiza amaphoyisa.
Umufi obeneminyaka engu-32 ushone nengane yomfana ena-10, eyentombazane eneminyaka eyisishiyagalombili nomfana ononyaka. Manje amaphoyisa athungatha uyise walezi zingane (35) okungaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.
Uphenyo lwesikhashana lwamaphoyisa luveza ukuthi le ndoda, eligodliwe igama layo, okungeyaseMakwana, eQwaqwa, isuke ngo-4:30 kubo yalibangisa eTshiame B kwadadewabo kamufi iyolanda izingane nenkosikazi yayo.
Amaphoyisa athe ifike emva kwehora eTshiame B, nebala yabathatha bahamba bonke ngeloli belibangise eQwaqwa kodwa kabazange bafike.
Okhulumela amaphoyisa eFree State, uWarrant Officer Mmmako Mophiring uthe kutholakale izidumbu ezine elolini. Uqhube wathi kuvulwe idokodo lokufa kwabantu njengoba kusathungathwa umuntu wesihlanu.
Ube esecela noma ngabe ubani ongalekelela ngemininingwane engaholela ekutholakaleni kwalo muntu wesihlanu ukuba athinte abaseshi baseHarrismith enombolweni ethi: 082 854 75 42 noma iCrime Stop kwethi: 08600 10111.