UMNYANGO wezaseKhaya uthe awuzixoshi izivakashi ezinama-visa asephelelwe yisikhathi zinelungelo lokuwavuselela.
UNgqongqoshe walo Mnyango, uDkt Aaron Motsoaledi, ukusho lokhu esithangamini nabezindaba izolo.
Kulesi sithangami uMotsoaledi ubezochaza ngesekhula eyasusa umsindo eyayithi zonke izivakashi ezinama-visa asephelelwe yisikhathi sezinsuku ezingu-90, ezingawavuselelanga kumele zibuyele emazweni azo ngoFebhuwari 23. Uthe okwakushiwo kule sekhula kwezwakala sengathi kuxoshwa izivakashi ezihlala zivakashela amazwe ehlukene uma kusehlobo ekubeni leli lizwe lizidinga kakhulu izivakashi kanti kwakukhunjuzwa abasebenza ngaphakathi ngomthetho.
Uthe isiliphu sokuvuselela sinikeza ovuselele i-visa ilungelo lokuthi ahlale, kuze kube umnyango uyaphendula.
Uthe le sekhula kwakungeyokuxhumana ngaphakathi yagcina isifinyelele kwabezindaba, okudale ukuthi kuzwakale sengathi umnyango wakhe uxosha izivakashi ezaziwa ngama-Sun Chasers, ezifika kuleli njalo uma kuqala ihlobo okujwayele ukuthi kube ngu-Okthoba zihambe uma sekungena ubusika ziye emazweni okusuke kuyisehlobo kuwo.
"Mhlawumbe kwakumele singayibhali isekhula, sisebenzise izindlela zangaphakathi zokuxhumana ngoba sasifuna ukukhumbuza abasemingceleni ngale mithetho ekhona kuleli. Siyasebenzisana noMnyango wezokuVakasha," kuchaza uMotsoaledi.'
Uthe kusukela kuphume isekhula kuvela ukuthi ziyisithupha izivakashi ezithintekile kodwa udaba lwazo lulungisiwe.
" Akuyona into entsha ukuthi uma usuphelelwe isikhathi sokuba sezweni elithize kusuke kumele uvuselele i-visa, nakwamanye amazwe lolu uhlelo lukhona. Kwamanye amazwe ushayelwa ucingo ukhunjuzwe, thina ukwenza kanjalo ngoba ubuchwepheshe esibusebenzisayo abukwenzi lokho," kugcizelela uNgqongqoshe.
UNgqongqoshe wezokuVakasha, uNkk Patricia De Lille, ephawula, uthe isekhula yezwakala sengathi izivakashi ziyaxoshwa okwafaka ingebhe kwabakulo mkhakha ngoba basatabalasa ekubuyiseni izivakashi kusukela kwahlasela iCovid-19.
“Siyajabula ukuthi uNgqongqoshe usecacisile ngale sekhula, uke wacacisa ePhalamende kodwa bekumele aphinde acacise futhi ukuze wonke umuntu aqonde,” kusho uNkk De Lille.