KUSHESHE kwamshela owesilisa ohlangane namaphoyisa esolwa ngokubulala usomatekisi ePitoli.
NgoLwesibili ebusuku, kuhlaselwe usihlalo kasoseshini wamatekisi ahamba ngebanga enkabeni yedolobha iTshwane. Kubikwa ukuthi umsolwa uvulele ngenhlamvu ebhekise kumgilwa wamshiya edindilizele ngaphambi kokubaleka ngezinyawo.
“Amaphoyisa ophiko oluqapha ubugebengu ezitimeleni ezwe kuqhuma isibhamu anikela ngalapho, abona owesilisa ebaleka ephethe isibhamu,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Amaphoyisa azamile ukummisa lo mlisa kodwa wadubula ebhekise ngakuwo, nawo aphindisela ngenhlamvu.
“Umsolwa udubulekile emlenzeni nokuyinto emenze waphelelwa amandla wokubaleka waboshwa khona lapho.”
Uphenyo lokuqala luveze ukuthi lo mlisa ungowaseNanda, KwaZulu-Natal. Ugaxwe ozankosi wabekwa icala lokubulala nokuphatha isibhamu esingekho emthethweni. Uhanjiswe esibhedlela. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi ePitoli, uma ededelwa.
Amaphoyisa athi uphenyo luyaqhubeka ukuze kucace ukuthi awekho amanye amacala umsolwa anawo athinta imboni yamatekisi.