I-Economic Freedom Fighters (EFF) KwaZulu-Natal, ichitha amahlebezi okuhlasela nokushaya owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu. Inhlangano ithi kuyimfeketho efana nekaNhlanhla Lux, okuhloswe ngayo ukunyundela iqembu ngokwepolitiki.
Okhulumela i-EFF kulesi sifundazwe, uMnuz Mazwi Blose, ukhwele wadilika ebantwini abasabalalisa amahlebezi ezinkundleni zokuxhumana, wathi angamanga futhi awanabo ubufakazi. UBlose ubekhuluma ne-IOL, iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe.
“I-EFF ayihlangene nokuhlaselwa kukaNgizwe Mchunu. Sibona amahlebezi angathembekile ezinkundleni zokuxhumana. Sibuka le nto njengesigameko sikaNhlanhla Lux, owasukela ilumbo wathi umuzi wakubo usakazwe ngebhomu yi-EFF,” kusho uBlose.
UNgizwe uwavulele amacala amadoda amhlasela ngesikhathi enesithangami nabezindaba ngoLwesibili, eThekwini.
Kunevidiyo esabalele kwezokuxhumana, okubonakala idlanzana lamadoda lihudula futhi likhahlela izihlalo, amatafula namakhamera ngenhloso yokuphazamisa inkulumo kaNgizwe. Kusolwa ukuthi lawo madoda kwakungamalungu e-EFF.
Esithangamini nabezindaba bekulindeleke ukuthi uNgizwe akhulume ngokuthi umi kuphi ngesinqumo sakhe sokuphazamisa ingqungquthela ye-EFF, ehlelelwe uFebhuwari 10, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ekuqaleni kwenyanga ephezulu, uNgizwe usabisile futhi wafunga wagomela ukuthi umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uyongena eMoses Mabhida Stadium, efile.
UNgizwe usola uMalema ngokuphucwa kwakhe imoto yinkampani eyayimqashe njengenxusa layo iJAC Motors, eKZN. Uthe lokho kwenzeka emuva kwamazwi okucwasa ngokobuzwe awasho kwezinye zezinkulumo zakhe uNgizwe.
UMalema wawachitha amahlebezi okuthi uyabandakanyeka etulweni lokuphucwa kukaNgizwe imoto yinkampani.