OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, uwuzwe ngendaba umcimbi wangoLwesine lapho bekwembulwa umfuziselo weSilo saKwaDukuza uShaka kaSenzangakhona, eKing Shaka International Airport, eThekwini, emuva kokukhishwa ngoshova ngamaphoyisa.
Ngokusho komthombo, uNgizwe ufikile emcimbini ehola isigejana samabutho ebesivunule siconsa, kodwa yena wayalelwa ukuba ahambe kulo mcimbi obuthanyelwe nanguMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa neSilo samabandla, uMisuzulu kaZwelithini. Umdidiyeli wamabutho aseKing Cetshwayo, uMnuz Senziwanjani Xulu, uzishaya isifuba ngokuthi nguye oyalele amaphoyisa ukuba amxoshe umengameli wamabhinca, owagcotshwa yiSilo ngoba wadelela amakhosi.
Bekungekhona okokuqala uXulu emkhipha ngoshova uNgizwe emcimbini. Wenze okufanayo nasemembesweni obusendaweni yakwaMadlebe, eMevamhlophe ngempelasonto edlule. Kuthiwa uXulu ugxavule uNgizwe maqede wamyalela ukuba ahambe ngoba amabutho amthukuthelele ngoba wazwakala ebiza amakhosi ngezidakwa ezinkundleni zokuxhumana.
Kulo mcimbi, obuhanjelwe ngamakhosi ezizwe eziningi, inkosi yaseMacambini, uMthokozi Mathaba, beyihambise umkhehlo nomembeso endodakazini yenkosi yaseMevamhlophe, uZenzo Zungu, uNksz Sinqobile Zungu.
Umthandazi uThulani “Dr 3 Seconds” Nkwanyana, uthe kuyadabukisa okwehlele uNgizwe emcimbini osemqoka kangaka esizweni samaZulu. Uthe awukho umcimbi wesintu azobuye awuhambele uNgizwe uma engakazehlisi emakhosini.
Uthe imvunulo izogcina seyiphenduke amaphijamu kuye ngoba uzogcina eselala ngayo njengoba kungekho mcimbi asezowuhambela. “NaseGoli siyofona sibazise ukuthi bamxoshe akadingakali. ”
Nomculi kamaskandi ongumzala kaNgizwe, uSaliwa Ndunakazi, uthe akusiyo neze into enhle eyehlele umuntu onamagalelo njengoNgizwe kulo mcimbi.
UXulu uthe ukube akamxoshanga uNgizwe bekuzokonakala umcimbi ngoba kunamabutho abezimisele ngokumudla luhlaza emuva kokubiza amakhosi awo ngemigodoyi nangezidwedwe.
UXulu uthe ukuziphatha nezinkulumo zikaNgizwe kwenza bazibuze imibuzo eminingi ngokuqokwa kwakhe njengokuthi, waqokwa ngaliphi futhi nangamaphi amagalelo anawo esizweni.
Yize uNgizwe engatholakalanga ukuba aphawule ngesigameko saseKing Shaka International Airport kodwa uphike walala ngomhlane ukuthi uxoshiwe eMevamhlophe. Wenze i-vidiyo wathi yena ubesevele esehamba emuva kokubingelelana namakhosi ngoba ubemenyiwe. Uthe usenga ezimithiyo uXulu, ambize ngoKweqeliphalishi, ukuthi ubengafunwa kuloya mcimbi. Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela iNdlunkulu kaZulu ayiphumelelanga.
Kwamanye ama-vidiyo uNgizwe uzwakala ebiza amakhosi ngemigodoyi futhi ewasola ngokulala nondlunkulu bawo emadokodweni akwaShembe.