USELIPHINI likaMengameli we-Africa Unite Congress, okuyiqembu lezepolitiki elisha neliyamaniswa nebandla lakwaShembe, uMnuz Thembinkosi Ngcobo. Abaningi uNgcobo babemazi njengesikhulu sikamasipala kumkhandlu weTheku kanti ubebuye abe yilungu le-ANC.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe Online, uNgcobo uqale wakuqinisekisa ukuthi usesigungwini esiphezulu se-AUC kanti futhi akasesilona ilungu le-ANC.
Uthe okumchaze ngale nhlangano kanjalo nebandla lamaNazaretha ukubona abantu abasakholelwa eqinisweni nabasayazisa indlela yokuziphatha eqondile.
“Kuthe noma bengicela ukuthi ngibajoyine, ngabona ithuba elihle lokuthi nami ngiqhube izimiso zabo engikholelwayo kuzona. Ngikholelwa kakhulu kubantu besilisa nabesifazane abakholelwa ezimisweni zikaNkulunkulu. Engiphinde ngikuthande ngale nhlangano ukuthi iyawazisa amakhosi kanjalo nenkolo,” kuchaza uNgcobo obezwakala ukuthi uyasithokozela isinqumo asithathile.
Uveze ukuthi ezindaweni zasemakhaya umthetho usahlonishwa nokuyinkomba yokuthi ikhona le nto abayenza kahle emhlabeni wamakhosi.
Uthe isimo esiphila ngaphansi kwaso sinzima kakhulu futhi sidinga ukulungiswa ngokushesha. Uveze ukuthi leli qembu labo yilona elizoba yithemba labantu kusuka manje kuyaphambili.
“Akumele abantu baphile ngokukhangeza ekubeni bona befuna ukusebenza. Sizowadala amathuba omsebenzi, okubuhlungu ukubona amathuba enciphela ngisho abantu abafundile,” kuchaza uNgcobo.
UNgcobo uthe njengephini kule nhlangano uzobheka kakhulu izinto ezithinta imigomo yayo, wathi bazoncintisana namanye amaqembu kuzo zonke izifundazwe, kanti ngesonto elizayo uthe bazovakashela e-Eastern Cape.
Uthe ulwazi analo kuhulumeni nakwezamabhizinisi lizolilekelela kakhulu iqembu lakhe.
Uthe ngeke asho ukuthi washiya i-ANC kodwa uthi iyona i-ANC eyamchitha ngokumbonisa ukuthi akasesiyona ingxenye yayo.
UNgcobo uthi kuke kwathiwa ungumuntu kaThabo Mbeki, wagcina engazi ukuthi lokho kusuka kuphi.
“Ngisho nezinto ezinhle ebesizenza emnyangweni bezishaywa indiva ngoba kwaziwa ukuthi kuliwa nomuntu kaMbeki. Kodwa uma usentweni yabantu abaningi ugcina uzikhohlwa wena,” kusho uNgcobo othe wayenezizathu eziqinile zokweseka i-ANC kodwa manje azisekho.