KUQUBUKE impikiswano phakathi kuka-Advocate Charles Mnisi ongummeli kammangalelwa wesithathu, uMnuz “Gadla“ Mthobisi Mncube, nofakazi uConstable Sizwe Zungu enkantolo izolo, kulandela ukuthi kuvele kwacaca izolo ukuthi akukho okubhalwe phansi mayelana nokwenzeka ngosuku okwabulawa ngalo uSenzo Meyiwa owayengumozinti weOrando pirates neBafana Bafana.
Kuvele ukuthi ngaphandle kwesitatimende uConstable Zungu asibhala kulo nyaka, akukho ngisho amanothi ayetshele inkantolo ukuthi ubufakazi uzobuya nabo ayezobulanda KwaZulu-Natal. Inkantolo ngoLwesihlanu yaguqa ukuze uZungu ayolanda amanothi awubufakazi ayebubhale phansi athe wayengazi ukuthi enzeni ngakho, wagcina ekubekile.
Yize ebuye elambatha izolo, inkantolo ivumele ukuthi abameli babammangalelwa, baqhubeke nokumpheka ngemibuzo.
Ngesikhathi ummeli kammangalelwa wesithathu nommangalelwa wesihlanu, uMnuz Fisokuhle “Nkani” Ntuli, uCharles Mnisi embuza mayelana nokuthi kwenzeka kanjani ukuthi ngesikhathi ebhala isitatimende etshela iphoyisa elalisibhala igama likaGadla, libhale ukuthi Nkani ngoba igama elithi Nkani nelithi Gadla awasondelene nhlobo, kwenzeke kanjani?
UZungu uthe naye akazi ukuthi kwenzeka kanjani. Ephikelela ukuthola incazelo, umbuze ukuthi owesifazane owayebhala isitatimende sakhe uma kungukuthi wabhala ukuthi uGadla wanikeza uGwabini isibhamu, kodwa lona wesifazane waphinde wabhala igama likaNkani, kwenzeke kanjani ukuthi aphinde enze iphutha elifanayo? Kubuza uMnisi.
UZungu uphinde waphendula ngokuthi naye uyafisa ukwazi.
UMnisi uqhube wabuza uZungu ukuthi angavuma yini ukuthi okuqukethwe esitatimendeni sakhe akukhona lokhu yena owayekusho ngomlomo ngesikhathi owesifazane owayethatha isitatimende ekubhala ngekhompuyutha.
Uphendule ngokuthi, iqiniso lithi umsolwa wokuqala, owesibili nowesithathu bangena belandelana. Kwathi owesine nowesihlanu bangena kamumva.
UMnisi uphendule ngokuthi: “Yize uzama ngakho konke onakho ukuthi uchaze ngaleli phutha elenzeke la, kodwa ngeshwa akuzwakali.”
Zungu uphendule ngelithi: “Ngithe umsolwa wokuqala, owesibili nowesithathu bangena belandelana. Kwathi owesine nowesihlanu bangena kamumva. Ukuthi kuphambane igama likaGadla nelikaNkani, akushintshi lutho.”