UNDLUNKULU uNtokozo KaMayisela Zulu, uwadonse ngezindlebe amantombazane wathi angazihushuli izisu ngoba uNkulunkulu akalenzi iphutha.
UKaMayisela uthe akakholelwa ekuhushulweni kwezisu yingakho waze wasungula inhlangano esiza umphakathi ebizwa ngokuthi, yiKamaskolo Foundation.
Uveze ukuthi iKamaskolo Foundation, uyiqambe ngoyise ongasekho obengumuntu othanda imfundo nenqubekela phambili.
"Sikhula sasiyalwa ngokuthi singakhulelwa kodwa ubaba wayethi abantu abayeke ukusifakela ingcindezi. Wathi iphutha engingalenza elokuya ocansini. Okwenzeka emuva kwalokho wathi uNkulunkulu uyobe esethathe indawo yakho. Esehlelile ngempilo yakho ngoba izwi liyasho ukuthi, ukwazi useyihluli. Angikholelwa ekuhushuleni isisu konke kuhlelwa nguNkulunkulu," kweluleka uNdlunkulu KaMayisela.
Uqhube wathi abesifazane ubalekelela kakhulu ngaphansi kohlelo lwakhe olubizwa nge-inbetween girl, olungakhethi kodwa olusiza wonke umuntu. Uvale inkulumo yakhe ngokucula ingoma ekhuza abesilisa ukuthi bangahlukumezi abesifazane.
UDkt Gugu Mazibuko, onguSolwazi esikoleni sezilimi eNyuvesi iKwaZulu-Natal, uthe kubalulekile ukuthi abesifazane basukume balwelwe impilo engcono. Wathi nakudala abesifazane babeneqhaza elibalulekile esizweni, wabala uNdlunkulu Mthaniya, neNkosazana uMkabayi nabanye.
Ubalule nokuthi kudala amadoda ayebuthwa afundise ngokuzivikela kanye nemindeni yawo. Uveze ukuthi ayevikela abesifazane ngoba kwakuhlale kunezithangami zokucobelelana ngolwazi nokuziphatha, ezaphela ngesikhathi amadoda eseyosebenza ezimayini nakwezinye izimboni.
Bekukhona noNkk Thandi MaThabethe Ngxongo, ogqugquzele abesifazane ukuthi bafukulane futhi bangakujabuleli ukuba ngabo kuqala emikhakheni egcwele amadoda, ngaphandle kokuvulela abanye amathuba.