NJENGENYE yezindlela zokugubha inyanga yabantu besifazane, uNdlunkulu uNtokozo Mayisela Zulu, uthe usezinhlelweni zokwakhela izingane eziphila nokukhubazeka isikole.
UNdlunkulu usho lokhu ngesikhathi egubha usuku lwabesifazane ngoLwesithathu eMooi River.
“Kusanezinto eziningi okusamele sizenze ukufukula nokunakekela abantu abaphila nokukhubazeka, yingakho sinqume ukubambisana neRed Cross nenhlangano kababa uShabalala iBJS.
kunento esisebenza phezu kwayo engicabanga ukuthi izosilekelela kakhulu ekusizeni abantu abaphila nokukhubazeka. Sizama ukwakha izikole ezisiza abantu abaphila nokukhubazeka.
“Lento siyenza ngoba sizama ukuphumuza omama belezi zingane, ngoba kwesinye isikhathi ukuthole umzali eseze ethi kodwa uNkulunkulu akayithathi ngani lengane ngoba iwumthwalo. Njengoba senza lomsebenzi lena yindlela yokuzama ukubuyisela emphakathini,” kusho uMayisela-Zulu.
Owe Bhekizizwe BJS, uMnuz Thulani Shabalala, uthe basebenza kanzima ukulekelela abantu abadinga usizo ikakhulukazi kubantu abangathathi entweni
Ovela kwaRed Cross uMnuz Siyabonga Hlatshwayo uthe banobudlelwano obuhle noNdlunkulu uMayisela-Zulu yingakho benethemba lokuthi konke kuzohamba kahle.