ISILO samabandla uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, siyalele ukuthi kubenomzuzu wokugobisa amakhanda kuzothwe ukuhlonipha iSilo uMdlokombane, njengoba namhlanje kuphela unyaka wesithathu sakhothama.
Esitatimendeni esikhishwe uNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, iNdlulamithi iyalela ukuthi ngo- 12 emini wonke uZulu nabasondelene nalesi sizwe bazothe umzuzu ukuhlonipha iSilo uZwelithini kaBhekuzulu esikhothame ngalo lolu suku, ngo- 2021.
“ISilo uZwelithini siwuphawu lobunye noxolo esifundazweni iKwaZulu-Natal futhi lokhu kuzohlale kukhona ezinhliziyweni zabantu besizwe sikaZulu kulo lonke leli. nasemhlabeni jikelele. Ukuthatha umzuzu wokuzotha ngalesi sikhathi kungabe emsebenzini, esikoleni noma ekhaya kuzobe kuwukuhlonipha inkosi yethu ebithandwa futhi ihlonishwa kuzwelonke,” kusho uButhelezi esitatimendeni.
Inhlangano engenzi nzuzo yeSilo uZwelithini, i-The Goodwill Foundation nendlunkulu bazohola umkhuleko, okuthiwa owaminyaka yonke ongowesibili kulo nyaka, ukubungaza lolu suku. Ngokwesitatimende esikhishwe uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, umkhuleko uzoba KwaNongoma, eMahhashini khona namhlanje.
Khonamanjalo uNdunankulu kaZulu uqinisekise ukuthi iSilo esibusayo, sizohola indlunkulu namabutho emcimbini wokubungaza iSilo uDinuzulu kaCetshwazayo ozoba ngoMgqibelo, kwaCeza. Uveze ukuthi umcimbi wokuvulwa komfuziselo weSilo uZwelithini obuzokuba kuleli sonto usuhlehlile ngenxa yezinhlelo zemicimbi yasendlunkulu eyandulela oweSilo uDinuzulu.
Ngesonto eledlule, kudingeke ukuthi ihhovisi likaNdunankulu esifundazweni uNkk Nomusa Dube-Ncube lixolise eendlunkulu emva kokuthi belimemezela ukuthi umcimbi wosuku lokuhlonishwa kweSilo uDinuzulu uzoba ngempelasonto edlule, okuvele ukuthi lesi simemezelo senziwe kungaxhunyanwanga neSilo esibusayo nokugcine kuphoqa ukuthi kubekwe olunye usuku.
Zivele seziqalile izinhlelo zokugubha iqhaza leSilo uDinuzulu ekulweni nohulumeni wengcindezelo, njengoba kuthe ngesonto eledlule uNkk Dube Ncube wamhlonipha ngokubeka izimbali egunjini ayeboshelwe kulo, ejele eliseMgungundlovu.
Undunankulu uphinde wahambela epaki i-King Dinuzulu eThekwini, lapho kunomfuziselo wakhe.