KUVUSELELWA umbhidlango wokuthi indawo enamadlinza amakhosi akwaZulu ayisikhombisa eMakhosini, ihlonzwe njengesizinda samagugu omhlaba.
UMnyango wezobuCiko, amaSiko nezeMidlalo KwaZulu-Natal uzofaka isicelo sokuthi uhlaka olubhekelele ukugcinwa kwamagugu enhlanganweni yezizwe i-Unesco, ihlonze eMakhosini njengesizinda samagugu omhlaba.
Lezi zindaba zidalulwe nguMphathiswa woMnyango, uMnuz Mntomuhle Khawula, obekhuluma engqungqutheleni yomlando oxoxwayo, ebiseMakhosini.
EMakhosini isoNdini, kukhona isigodlo seSilo uDingane, kube namadlinza amakhosi okubalwa kuwo elikaSenzangakhona, Dinuzulu namanye.
UKhawula uthe bazohambisa isicelo emnyangweni kazwelonke, okuyiwona ozofaka isicelo kwi-Unesco.
Ukusho lokhu ngesikhathi ephendula isicelo sephini likangqongqoshe womnyango kazwelonke uNksz Peace Mabe, elithe lendawo ifanelwe ukuba yisizinda samagugu ezwe.
UKhawula uthe ike yaba khona imizamo yokwenza isicelo sokuthi eMakhosini yenziwe isizinda samagugu omhlaba kodwa umnyango wabuye wangaqhubeka nesicelo ngenxa yezizathu ezithile.
UKhawula uthe bafuna ukuthi ukuhlonzwa kweMakhosini njengesizinda samagugu omhlaba kwenzeke ngokushesha.
“Iphini likangqongqoshe kade lingiyalele ukuthi sifake isicelo sokuthi eMakhosini ihlonzwe njengesizinda samagugu ezwe. Sizowulandela lowo myalelo wephini likangqongqoshe. Selikhulumile iphini likangqongoshe. Uma kungase kungenzeki lokhu kuleminyaka emihlanu siphethe, kusho ukuthi phela abantu angeke basivotele.”
UKhawula uthe eMakhosini ikufanele ukuhlonzwa njengesizinda samagugu omhlaba.
“Le ndawo inomlando onothile. Ibizwa ngokuthi kuseMakhosini ngoba kulapho khona kutshalwe khona amakhosi amaningi akwaZulu. Izingane zethu ezikhulayo zazi uMgungundlovu ukuthi isePietermaritzburg, cha nawo uMgungundlovu, umuzi weSilo uDingane.
“Kulapho iSilo uDingane sabhozomela uPiet Retief. Lesi isigodlo seSilo uDingane okwathi uPiet Ritief evakashile kuso, iSilo sathi ‘bangaphakathi Zulu’, ngesikhathi sebehamba. Kulapha abaphelela khona (uPiet Ritief nayehamba nabo). Lona omunye uMgungundlovu uwumbombayi, nanku owangempela.”
Umnyango uzofaka lesicelo nje i-Unesco isanda kuhlonza ezinye izizinda zamagugu ezimbili lapha KwaZulu-Natal.
Mumva nje i-Unesco ihlonze umgede iSibhudu Cave, noHlange njengezizinda zamagugu omhlaba.
Namhlanje kuzokuba nomcimbi wokubungaza ukuhlonzwa kwalezi zindawo njengezizinda zamagugu omhlaba.