UMSOLWA obhekene necala lokuthumba, ukubulala nokushisa nemoto umkakhe emathuneni aseMolweni, eThekwini ngo-Ephreli 3, 2020, uyawaphika amacala.
USifiso Professor Ndlovu (46) uphike lokhu ngesikhathi efundelwa uhlu lwamacala athweswe wona okukhona nelokubulawa kwenkosikazi yakhe, uNkk uKhulukazi Ndlovu (39).
Uphenyo lwamaphoyisa ilona elaveza ukuthi emotweni eshile kwakukhona izicubu zomuntu, okwaqinisekiswa imiphumela yolibofuzo ukuthi nguNkk Ndlovu owayekuyona.
UNdlovu uthweswe amacala amathathu; okungelokuthumba, elokubulala nelokucekela phansi impahla okuyimoto kamufi iKia Picanto eyayibiza uR230 000.
Nakuba uNdlovu ewaphika lawa macala kodwa uyawamukela umbiko kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu sikamufi nezitatimende ezintathu ezihambisana nawo.
Akawaphikisi ama-albhamu ezithombe ahambisana necala. Uvumile nokuthi kunencwadi eyisivimbelo seNkantolo yeMantshi yaseVerulam, ayenzelwa umufi.
Kuthiwa lezi zithandani zashada ngo-2013, futhi zazisashadile kwenzeka isigameko yize zase zihlala ngokwehlukana.
Kuvele ukuthi uNdlovu waboshwa emuva kwezinyanga eziyisithupha emuva kwesigameko sokubulawa kukamufi ngo-Ephreli 3, 2020.
Umshushisi Advocate Thabani Buthelezi utshele iJaji uMohini Moodley ukuthi uMbuso uzobiza ofakazi abangu-12.
Uzophinde asebenzise ubufakazi bamaselula lapho ummangalelwa wayexoxa khona nabathile, umbiko we-car tracker nabahlola imoto.
UButhelezi uthe leli yicala lokubulawa komuntu wesifazane wumyeni wakhe futhi banobufakazi obuqinile abazogojela ngabo uNdlovu.
Ngokwamaphepha asenkantolo, uMbuso uthi laba abashadene basebehlala ngokwehlukana futhi besezinhlelweni zesehlukaniso.
UMbuso usola uNdlovu ukuthi phakathi kwamabili ngo-Ephreli 3, 2020, wathumba umkakhe ePhoenix, waya naye emfuleni uMdloti endaweni okuthiwa kuseMakhuluseni, eNdwedwe.
Kusolakala ukuthi wafike wambulalela khona noma eMachobeni, eNanda. Kusolakala ukuthi wabe esengqongqisa umufi emotweni esebenzisa uphethroli wayo.
UMbuso uthi umufi wayesethandana nomunye umuntu owayekade esebenza noNdlovu, lokhu okwamthukuthelisa wagana unwabu.
Kusolakala ukuthi uNdlovu waze wamphuca imoto ayekade emthengele yona.
Kuthiwa isoka likamufi lamsiza wathenga enye imoto okuyiKia Picanto okuyisenzo okubikwa ukuthi samthukuthelisa waveva uNdlovu.
UMbiko uthi phakathi kwamabili ngosuku lwesehlakalo, uNdlovu nomngani wakhe bathumba umufi bambulala.
Izolo, uMbuso ufake isicelo esiphuthumayo esamukelwe yijaji sokuthi ufakazi wokuqala afakaze enkantolo enabasebenzi kuphela, umphakathi ukhishelwe emnyango. Lo fakazi kuthiwa ukhale ngokuthi kukhona abebesanda kumsoconga manje uhlalele ovalweni.
Kuyalelwe nabezindaba ukuthi noma belithola igama lalo fakazi, bangalokothi balidalulele umphakathi. Icala liyaqhubeka namhlanje.