UMYENI wowesifazane owashiswa nemoto emathuneni utshele inkantolo ukuthi wagcagcelwa ngesikhathi umkakhe esanyamalele engazi ukuthi ukuziphi izinkalo.
UMnuz Sifiso Ndlovu (49) ubekade ethula ubufakazi izolo, eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ecaleni athweswe lona lokuthumba nokubulala uNkk Khulukazi Ndlovu (39).
Kuvele eyokugcagcelwa kwakhe ngesikhathi umshushisi u-Adv Thabani Buthelezi kade empheka ngemibuzo. UButhelezi ubuze uNdlovu ukuthi ngabe sewakudlulisa yini ukushona kukamkakhe? Walandelisa ngombuzo obuthi ngabe usekhona yini owesifazane athandana naye manje?
UNdlovu uphendule wangananaza wavezela inkantolo ukuthi sekuphele iminyaka emithathu alobola omunye owesifazane.
Kuthe uma umshushisi eqhubeka empheka ngemibuzo wabuye washaya ungqimphothwe wathi sekuphele isikhathi esingangeminyaka emibili nohhafu agcagcelwa.
Umshushisi ukhale ngokuthi uNdlovu ukhuluma izinto ezingafani, waqala phansi wamcela ukuba acacise kahle ukuthi ngampela walobola nini.
UNdlovu ube esephendula ngokuthi kwakunguJuni, 2021, kodwa khona lapho futhi uthe ngeke esakhumbula kahle yonke into.
UButhelezi ubekade ebuza uNdlovu ukuthi uyazi yini ukuthi unkosikazi wakhe wathunjwa, wabulawa nokuthi sewangcwatshwa yini?
Ubebuze nokuthi kwenzeka kanjani ukuthi agcagcelwe ekubeni umkakhe wayengazi ukuthi kwenzakalani ngaye futhi engakatholi nokuthi sewangcwatshwa yini?
UNdlovu uphendule ngokuthi kuze kube yimanje yena akakabutholi ubufakazi bokuthi umkakhe akasekho emhlabeni.
“Ayikho into ephathekayo enginayo esandleni ewubufakazi bokuthi ngampela umkami akasekho emhlabeni. Ngazi ukuthi wanyamalala yingakho ngahamba ngayovula icala emaphoyiseni. Ngizwa lapha enkantolo ukuthi akasekho,’’ usho kanjena.
Umshushisi umbuze ukuthi ukusho kanjani lokho ekubeni imiphumela yolibofuzo ikhona esitatimendeni esikummeli wakhe futhi yayisho ukuthi ngamathambo omkakhe ayesemotweni.
Eqhuba, umshushisi uthe uNdlovu nguyena onelungelo eligcwele lokuthola isitifiketi sokufa komkakhe nencwadi egunyaza ukuba angcwatshwe.
UNdlovu uqale waphika ukuthi unkosikazi wakhe wamazisa ukuthi ufuna isehlukaniso somshado.
Umshushisi uma esemtshela ukuthi ummeli wakhe Ndlovu phambilini, wabuza omunye wofakazi ukuthi uyazi yini ukuthi umufi watshela uNdlovu ukuthi abehlukanise?
Uphendule ngokuthi angeke aze amphikise ummeli wakhe ngoba kusho ukuthi wayekhuluma iqiniso.
Uqhubekile umshushisi wabuza uNdlovu ngembangela athi yiyona eyaholela ekutheni kube khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nomkakhe.
Umshushisi utshele uNdlovu ukuthi uqhekeko phakathi kwakhe nomkakhe lwabe lubangelwa ukuthi wayesehlongoza ukuba nesithembu kodwa umufi wala ukhasha wagcina edube ikhaya.
UNdlovu ubonakale ecasuka uma ebuzwa ngalokhu waphendula ngokuthi lokho akakwazi ukuzwa ngaye umshushisi.
Inkantolo ivezelwe ukuthi ngezinsuku ezandulela ukubulawa kukamufi ngo-Ephreli 2, 2020, uNdlovu wayenokushayela ucingo umkakhe izikhawu ezingalinganiselwa ku-30 njalo ngosuku.
UNdlovu uphendule ngokucasula wabuza ukuthi kuyiphutha yini uma eshayela umkakhe ucingo?
Uthe wayekade emncenga ukuthi babuyelane, umshushisi wayesethi yingakho-ke uNdlovu wabona ukuthi akambulale umufi uma enqaba ukubuyelana naye.
UNdlovu ukusho kaningi ukuthi yena akazi lutho, wayezilalele ngobusuku okwabulawa ngalo umufi futhi wazihlangula ngisho kubufakazi bezingcingo eziqoshiwe.
Izinsalela zesidumbu sikamufi azikakangcwatshwa kuze kube namuhla. Uyise wathi ulinde kuphothulwe icala ngaphambi kokuthi amngcwabe ngesizotha. Icala liyaqhubeka.