LIZIMISELE ngokuyothola usizo esikhungweni esisiza abantu abanenkinga yokusebenzisa izidakamizwa ngokweqile iphoyisa lasesiteshini esiseCato Manor, eMayville, elisolwa ngokweba ikhadi lasebhange lomgilwa ngesikhathi liyolanda imoto eyayiduniwe.
UConstable Minenhle Makhaye (27), uvele izolo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, eqhubeka nesicelo sebheyili.
Ubhekene namacala amane elokweba, elokukhwabanisa, elokuvimba ukusebenza kwengalo yomthetho nelokutholwa nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.
Udaba lokuya kwakhe esikhungweni esisiza abantu abanenkinga yokusebenzisa ngokweqile izidakamizwa ludalulwe ummeli wakhe, uMnuz Zolani Duma, othe lokhu kuwumyalelo awuthathe kuye.
Umshushisi uMnuz Sandiso Mngonyama, uthe okuvezwa umsolwa kubeka ngokusobala ukuthi ungumuntu owuhlupho yikho ekhetha ukuyozigquma esikhungweni uma engadedelwa ngebheyili.
Ngaphambi kwalokho uMngonyama utshele inkantolo ukuthi sebekhonjisiwe incwadi yokulimisa iphoyisa emsebenzini ngokusemthethweni.
“Le ncwadi iveza ukuthi uyibhalelwe ngoLwesine,” kusho uMngonyama.
Kulokhu, uDuma uthe ukumiswa komsolwa emsebenzini kusho ukuthi ngeke sisaba khona isidingo sokuthi ehle enyuka eza emsebenzini eThekwini.
Kuvele nokuthi ingxenye yokuqala yophenyo ngamakhadi isiphothuliwe, umseshi uWarrant officer Savin Naidoo uthe antshontshwa enxanxatheleni yezitolo iBridge City KwaMashu, ngesikhathi kunezibhelu.
Uthe uphenyo olusasilele olokuthi ayesekulungele yini ukusebenza.
Kuke kwasuka inkulumompikiswano umshushisi ebuza kummeli ukuthi kwakungashiwongo yini ukuthi ufakazi ozolethwa phambi kwenkantolo, umnikazi wekheli umsolwa angaya kohlala kulo uma ekhishwa ngebheyili.
Lokhu bekulandela ukuvumbuka kukagogo kamsolwa, uNkk Lamulile Goldstone njengofakazi.
Embuzweni kamshushisi nemantshi uMnuz Ashwin Singh wokuthi kungani kunguNkk Goldstone othula ubufakazi, uphendule wathi wayengezwanga kahle ukuthi kufuneka umnikazi wekheli ngqo.
“Futhi usemdala, uyagula, bekuzoba wumsebenzi ukuthi eze enkantolo,” kusho uNkk Goldstone, oqhubeke nokugcizelela lokhu ngisho imantshi isimtshela ukuthi wayekhona ngeledlule, inkantolo ilihlehlisela leso sizathu icala.
Ubuye waveza ukuthi umyeni wakhe wayengumshayeli wamaloli amakhulu, kwaze kwaba uyamphelela ngo-2019. Uthe emva kwalokho akabange esaba nalo ulwazi lwamatoho ayesewenza kwaze kwaba uyashona ngo-2022.
Ubethi uma esebona ukuthi usebuzwe into eyodwa kaningi aze akhulume agcizelele, agcine esethi “hawu!”.
Uphinde waveza ukuthi kwamthatha isikhathi ukuthi athole ukuthi umsolwa unenkinga yokuphuza utshwala ngokweqile ngoba esebizwe emsebenzini kuthiwa uyalova, waze wafakwa umqashi ohlelweni lokulekelela abahlulwa uphuzo oludakayo.
Icala lihlehlele ikusasa