UMVIKELI woMphakathi osabambile u-Adv Kholeka Gcaleka, uthi akakoqedi ngokuphenya uMengameli Cyril Ramaphosa njengoba kunamacala amabili abhekene nawo, ihhovisi lakhe eliphezu kwawo.
Engxoxweni abe nayo nesiteshi sethelevishini, edlale izolo. UGcaleka osanda kuthola ukugxekwa okukhulu ngombiko asanda kuwukhipha omayelana nepulazi likaMengameli uRamaphosa, iPhala iPhala, lapho athola khona uRamaphosa emsulwa. Uvumile ukuthi akhona amacala amabili aphenywa ihhovisi lakhe.
“Kunecala esiliphenyayo lapho uMengameli asebenzisa indiza enophephela emhlane, yombutho wezempi wakuleli kodwa enza izinto zeqembu lakhe i-ANC. Elesibili elokuvula indlu yomxhaso kahulumeni kodwa ehamba ngokwenhlangano yakhe i-ANC,”kulandisa u-Adv Ngcaleka.
Uthe akakugqizi qakala ukuthukwa kwakhe ngemuva kokukhipha umbiko owathola uRamaphosa emsulwa. Uvele wathi lokho kuhambisana nomsebenzi wakhe futhi into angenandaba nayo.
Izimpendulo zakhe eziningi ezithinta umbiko wePhala Phala, bezivele zithi bekungesikona okwabo ukuphenya ngalokho, lowo msebenzi uzokwenziwa ezinye izinhlaka zikahulumeni. Uthe akakhulumanga noMengameli ngophenyo lwepulazi lakhe ngoba isidingo sasingekho.
U-Adv Galeka oneminyaka engu-42 uthe kuningi asazimisele ngokukwenza empilweni nokungahlangene nehhovisi akuluna njengamanje.
Ukuqinisekisile ukuthi naye ukhona ohlwini lwalabo abafuna lesi sikhundla sokuba uMvikeli woMphakathi njengoba isikhathi sa-Adv Busisiwe Mkhwebane sesiphelile.