BESIMUNCU isimo kuwo wonke umuntu obehambele emzini wakwaKhambule eChibini, eHlokozi, okudutshulwe kuwo kwabulawa abomndeni abayisikhombisa okukhona kuwo nezingane ezintathu.
Abantu abaningi endaweni bebelokhu bethutheleke njalo kulo muzo ukuzobabaza umhlola owehlile.
Baningi ebebevukwa umunyu uma kuphathwa eyokuthi ababulali badubule ngisho ingane eneminyaka emihlanu.
Ngesikhathi umuntu esondela kuwona, ububona ukuthi umuzi ongaswele njengoba kubiywe kahle ngocingo, kwakhiwa nezindlu ezinhle ezinkulu norawondi.
Uma ungena egumbini lokuphumula, okwenzeke kulo isigameko, ubuqaphela ukuthi lona umndeni obunawo amandla okukwenza ikhaya lawo libukele kahle.
Nokho kuqaphelekile ukuthi kunamathuna ayisikhombisa aklele ngezansi kwezindlu. Isolezwe lithole ukuthi kuwona (amathuna) kukhona indodana yakhona uMnuz Phumlani Khambule okuthiwa yadutshulwa yabulawa nyakenye. Libuye (Isolezwe) lathola ukuthi kukhona nelikababa wekhaya okuthiwa wadutshulwa eminyakeni eyedlule.