UCHAZWE njengeqhawe umculi wombhaqanga uCosmos Faku odutshulwe washona ngesonto eledlule ngoLwesithathu eMthatha.
UCosmos ubeseqenjini i-Amazing Royal Brothers, ayisungula nomngani wakhe uKhaliphile Hobe ngo-2012, leli qembu belizinze eMthatha e-Eastern Cape. UHobe uthe ukudlula kukaCosmos kushiye isikhala esikhulu emculweni woMbhaqanga nasempilweni yakhe njengoba bese efana nomfowabo.
UHobe uthe, uFaku ubengumuntu ongenazo izitha nokuyinto emshiye nemibuzo yokuthi kungani edutshuliwe.
“Ukudlula kukaCosmos kungizwise ubuhlungu obungachazeki ngoba ngosuku ashona ngalo sasikade sikhuluma naye ngabo-9 ekuseni, ngezinhlelo zokukhipha i-abhamu ngoJuly, ngezikhathi zantambama kwangena ucingo lungazisa ngokudlula kwakhe emhlabeni, kuthiwa udutshulwe ngabalisa abangaziwa,” kuchaza uHobe.
Echaza uCosmos, uHobe uthe ubengumuntu owuthandayo umculo futhi ubeluthanda ubumbano.
“Ngaqala ukuhlangana noCosmos ngo 2010 eMthatha njengoba sasisemculweni sobabili, ubengumuntu obewuthanda umsebenzi wakhe futhi wayengumuntu ozimiselayo kakhulu kuwona, ngisho siqopha esitudiyo wayengumuntu onamancoko ethanda nokudlala,” kusho uHobe.
Eqhuba uHobe uthe uCosmos kunezingoma ebeseziqophile nelinye iqembu lakhe iDouble Harvest. UCosmos uzobekwa endlini yakhe yokugcina ngomhla ka 17 kule nyanga.