UPHELE kabuhlungu umdlalo wabafana ababili baseWaterloo, eThekwini. NgoLwesine kuminze u-Andile Ngema, noSbongiseni Msani, emfuleni Umvoti ngaseSt Moreland.
Laba bafana baneminyaka ewu-10 newu-13 kanti bafunda abebenza uGrade 5 no-6, basuke emakubo beyodlala ibhola. Unina ka-Andile, uNksz Noxolo Ngema, uthe indodana yakhe ibizwe ngabangani bayo ukuba bayodlala ibhola ngezithuba zabo-9 ekuseni.
"Yinto abahlala beyenza. Mina ngibe sengihlanza indlu. Emuva kwalokho ngisuke ngaya phezulu komunye usisi. Ngithe ngisanda kufika nje, kungapheli isikhathi, kwafika imoto ebomvu izongifuna. Imoto engingayazi egcwele obhuti (abomdabu) wamaNdiya. Uma ngibuza ukuthi ngobani labo, kube sekuvela omunye usisi walo munye umntwana omuke no-Andile, uSbongiseni."
Ekhuluma nethimba le-eNCA, uNksz Ngema, uthe uyile emotweni maqede bamtshela ukuthi u-Andile noSbongiseni baminzile.
"Bachaze ukuthi bebedoba. Ekudobeni kwabo bagcine sebebhukuda futhi bagcina sebedlala umdlalo othi 'Biza igama lami, ubani ozofika kuqala la lapho okuyela khona phakathi'."
UNksz Ngema uthe yingesikhathi sebedlala lomdlalo lapho begcine sebeya lapho kushona khona kakhulu kanti bazominza u-Andile noSbongiseni.
Uthe ukhona omdala ozamile ukubahlenga kodwa wagcina esesindelwa futhi esedonseleka phakathi ekujuleni kwesiziba, kwagcina kuwukuminza kwabo. Ephetha uNksz Ngema uthe bebeqala ukuzobhukuda kule ndawo.
Amaphoyisa athelekile ngendiza enomphephela emhlane nezinja ebezizohogela umkhondo. Isolezwe NgoMgqibelo lize lashicilela izidumbu zabafana zingakatholakali.