UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande uhambele imindeni yezitshudeni ezithelwe amachaphazelo kuhlaselwa osomatekisi eBraamfontein ngesonto eledlule.
UNzimande uthe okwenzekile kukhombisa inkinga enkulu izwe elibhekene nayo yokulwa nodlame lwezibhamu emphakathini.
Uthe banazo izinhlelo asebezenzile zokuqinisa ezokuphepha emanyuvesi ngoba kubalulekile kubo ukuqinisekisa ukuthi abafundi bayazivikela futhi baphephile ngaso sonke isikhathi.
Lo Ngqongqoshe udlulise amazwi enduduzo emndenini olahlekelwe yisitshudeni kulesi sehlo wancoma inyuvesi yaseGoli ngendlela esingathe ngayo lolu daba.
Lesi sehlakalo esithuse abaningi senzeke ngoLwesine ntambama endaweni evame ukuphithizela kakhulu izitshudeni eBraamfontein, eGoli.
Amaphoyisa aqinisekise ukufa kwabantu abathathu okungosomatekisi ababili nesitshudeni esisodwa.
"Kubikwa ukuthi abasolwa abangaziwa bavulele ngenhlamvu kubalisa ababili abebehleli emotweni ebipakile eceleni komgwaqo. Oshayasibhamu bavulele ngenhlamvu kwachaphazeleka nebhasi elithutha izitshudeni zasenyuvesi kwadubuleka ezimbili.
“Bashone bobabili abalisa abebesemotweni nesitshudeni esisodwa. Esinye isitshudeni siphuthunyiswe esibhedlela esiseduze,” kusho okhulumela amaphoyisa eGauteng uColonel Dimakatso Nevhuhulwi.
Isitshudeni esiphangalale kulesi sigameko uNkosingiphile Nxumalo ubenza unyaka wesibili ezifundweni zeBecom Accounting enyuvesi yaseGoli. UNxumalo udabuka eNewcastle. Umndeni wakubo okubalwa kuwo umalume, umqashi kanina nezingane zakubo ezintathu banikele eGoli ngeSonto ngenhloso yokukhomba nokuqinisekisa ithambo labo ngaphambi kokuba libuyiselwe ekhaya lapho lizofihlwa khona