UVUKWE wumunyu, wabheka phezulu samuntu obamba izinyembezi owesilisa obefakaza enkantolo echaza isimo amfica eyisona emakhazeni umkakhe owabulawa ngesihluku ngoba esolwa ngokuthakatha.
UMnuz Senzo Simamane, oyiphoyisa, ngufakazi wokuqala ecaleni lokuthunjwa futhi kubulawe inkosikazi yakhe, uNkk Smangele Simamane, nendodakazi yakhe angayizali, uSibongakonke Mthembu (12) eNewlands West, eThekwini, ngo-Okthoba 5, 2020.Izidumbu zabo zatholakala ehlathini KwaDabeka, eClermont, zigxishwe epotimendeni elikhulu. USimamane ulandise wathi isidumbu sikankosikazi wakhe sasishisiwe ohlangothini lwesokudla lobuso, sinembobo esiphongweni, iso lakwesokunxele limpunga livulekile, futhi sishisiwe nasengalweni.
Bekuthule kuthe cwaka enkantolo, wonke amehlo ethe njo kuSimamane efakaza.
Ngisho abasolwa okungoNksz Pamela Zamisa nendodakazi yakhe, uNksz Andile Zamisa, bebehleli beqhiyeme, besonge izandla ebhokisini labasolwa bebukele uSimamane egeqa amagula.
Abasolwa bawaphike wonke amacala abathweswe wona okungamabili okuthumba, amabili okubulala okuhleliwe, nawokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Umsolwa wesithathu oyisihlobo esingumfundi, owayeneminyaka engu13 kwenzeka isehlakalo, ukhishiwe kuleli cala njengoba kusasa kulindeleke ukuthi ethulele inkantolo incwadi efungelwe lapho evuma khona la macala. Lo msolwa oseneminyaka engu-16, ufike enkantolo ewudlubhe uphelele umfaniswano wesikole.
USimamane uveze nokuthi kwasiza umdayisi wasesitolo nengane yasendaweni abasho ukuthi ababulawa bagcina ukubonakala besemagcekeni akwaZamisa.USimamane uthe waya kwaZamisa wafica isango livaliwe, kwaqhamuka ummangalelwa wokuqala waphendula ngendelelo echaya izandla wathi bafikile kwakhe umkakhe nengane, babuye bahamba bathi basayothenga amaphilisi ekhanda esitolo.
"Kwatholakala amachaphazelo egazi ngesikhathi amaphoyisa esesha endlini kwaZamisa. Kwathi uma bebuzwa ngalo bathi ngelezinkukhu, bebekade benzele umsolwa wesithathu amagobongo ngoba unabantu abadala," kuchaza uSimamane othe watshelwa ukuthi abasolwa base bebhace eNanda lapho balandwa khona.
UNkk Zamisa uvele waphakamisa isandla, wabamba inguyazana nommeli wakhe obe esetshela inkantolo ukuthi abasolwa bathi bayakweshwama futhi kungamampunge okushiwo nguSimamane ngoba kabahlabi bona.
USimamane udalule nokuthi amaphoyisa aqale athatha yena ampheka ngemibuzo emuva kokuthi ewabikele ngokunyamalala kwalaba ababili.
Uqhube wathi ngo2019 kwaba khona isimo sokungahoshelani phakathi komndeni wakhe nowakwaZamisa kubangwa ukuthi obengumsolwa wesithathu ecaleni wathatha izingane zomakhelwane wahamba nazo ekugcineni kwasolwa uSibongakonke ngalokho.
“Ngabe sengithatha isinqumo sokuthi uSibonga angabe esahlangana no…(emgagula ngegama). Umangalelwa wokuqala ngangiqale ukumazi ngo-2014 ngize kwakhe ngokomsebenzi wami kunengxabano phakathi kwakhe nomfowabo,” kuchaza uSimamane.
Izolo icala liqale emuva kwamahora amabili. Asebagwetshwa ngaleli cala okunguNomfundo Ngcobo owagwetshwa iminyaka engu20 noNicholas Sithembiso Lamula owagwetshwa iminyaka eyisithupha emuva kokuvuma amacala bafike befaswe ngamaketanga ezinyaweni, behlezi emabhentshini ahlala umphakathi begadwe wojele.
Laba ababili babuyiselwe ezitokisini zenkantolo, uSimamane waphumela ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi sekuqala icala, kuthiwa ofakazi becala abaphumele phandle.
Icala liyaqhubeka.