UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uzithintele ulaka lwenyunyana iNehawu esola amalungu ale nhlangano angahambisani nohulumeni wokubambisana ngokungafuni ukusebenza.
INehawu isiyalele uMtolo ukuba axolise kumalungu ayo kungakapheli izinsuku ezimbili.
Unobhala weNehawu KwaZulu-Natal, uMnuz Ayanda Zulu, uthe ngeke bamvumele uMtolo ukuthi akhulume emihlanganweni yeNehawu uma ehluleka ukuxolisa.
UMtolo uzithintele ikhekhe leziqandu, ngesikhathi ekhwela edilika kumalungu eNehawu aphikisaba nohulumeni wokubambisana.
UMtolo uthe isizathu esenza ukuthi amalungu eNehawu angafuni ukuthi i-ANC ibambisane neDA kuhulumeni wokubambisana wukuthi afuna ukuqhubeka nokuzenzela umathanda emsebenzini.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini obungoMgqibelo abewenzele izaguga eKokstad.
INehawu ingelinye lamadlelandawonye e-ANC angayizwa eyokufakwa kweDA kuhulumeni wokubambisana.
Le nyunyana ibinomhlangano eGoli ngeledlule, lapho izikhulumi ezehlukene zigxeke ukufakwa kweDA kuhulumeni wokubambisana.
UMtolo uthe amalungu eNehawu akhala ngokufakwa kweDA ngoba afuna ukuqhubeka nokuhudula izinyawo emsebenzini.
“Into ezondelwa i-ANC ukuthi kuqhubeke ukuthi kube nabasebenzi bakahulumeni ababheke izidingo zabo, abangazikhathalele izidingo zabantu. Bacabanga ukuthi kuzophela lokhu kukhohlakala kwabo uma kuphethe uhulumeni wokubambisana.”
UMtolo uthe amalungu eNahawu agcwele eminyangweni kahulumeni ehlulekayo ukusiza abantu.
Uthe amalungu eNahawu agcwele eMnyangweni wezaseKhaya, owezeMpilo nakowezokuThuthukiswa koMphakathi.
“Uma ufika eMnyangweni wezaseKhaya uthi uzofuna isitifiketi sokushona, ufike unganakwa, okwazi ukuthi umuntu weNehawu lona ongakunaki. Uma ufika kwaSassa bafike baziqhenye ngawe, okwazi ukuthi abantu beNehawu labo. Uma nicasulwe ukuthi i-ambulance ayifikanga ngesikhathi, nazi ukuthi umuntu weNehawu lona ongazange asheshe.”
UMtolo uthe abantu kufanele babaqaphele labo abathi abawufuni uhulumeni wokubambisana.
“Kufanele nimbheke kahle ukuthi lowo muntu akusiye yini lona owenze ukuthi kuhlehle umngcwabo ngenxa yokuthi unqabile ukukwenzela isitifiketi sokushona.”
UZulu uthe kubashaqisile ukuzwa uMtolo ehlasela amalungu eNehawu.
Uthe amalungu eNahawu asebenza ngokuzikhandla, wathi ngesikhathi kuhlasele i-corona amalungu enyunyana abeka impilo yawo engcupheni.
“I-ANC kufanele iyicubungule kahle le nto eshiwo uMtolo. Ngabe uchaze ukuthi uhulumeni wokubambisana uzokwenza kangcono kunalokhu okwenziwe i-ANC kule minyaka engu-30 eyedlule?”
UZulu uthe uMtolo kufanele azinuke amakhwapha ngokuhlulwa kwe-ANC KwaZulu-Natal, wathi i-ANC isazophinde idinge amalungu eNehawu uma isikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.
UZulu unxuse ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal ukuba bukhuze uMtolo.