INGONYAMA enyamanambana emphakathini kulezi zinsuku, uMswati III, ikuqinisekisile ukuthi ngo-Okthoba 29, izotheleka emkhosini wokubekwa ngokusemthethweni kweSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Nakuba kunjalo kunezinsolo zokuthi ukutheleka kwakhe emcimbini kungase kuwudunge ngoba kungase kube nemibhikisho.
IziNgonyama ziyizihlobo zegazi ngoba iNgonyama yamaSwati, uMswati III inguninalume weSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini. Unina weSilo osengasekho, uNdlunkulu Mantfombi Shiyiwe Dlamini-Zulu, ungudadewabo weNgonyama uMswati III.
NgoLwesibili iNgonyama yamaZulu beyivakashele iNgonyama yamaSwati, esigodlweni sayo saseLudzidzini.
Ngokusho kwephephandaba laseSwatini, i-Observer, iNgonyama yamaSwati inxuse isizwe sayo ukuba sithandaze futhi kuzilwe ukudla ukuze umcimbi wokugcotshwa kweSilo samaZulu uhambe kahle.
Iphephandaba alichazanga ukuthi kungani iNgonyama yamaSwati yenza isicelo. Kuyinto eyaziwayo ukuthi iNgonyama yamaZulu ingene kanzima esihlalweni ngoba ushisa phansi umbango wabasende abachuthele isihlalo, okubalwa uMntwana uSimakade noMntwana uLubanzi.
Kumanje uMntwana uSimakade ufake isimangalo eNkantolo eNkulu eTshwane, lapho ephonsela khona iNgonyama yamaZulu inselelo yokuba idede esikhundleni azishaya isifuba ngokuthi siyifa lakhe.
Okhulumela iNgonyama uMswati III, uMnuz Percy Simelane, ukuqinisekisile ukuthi ingonyama iyeza emkhosini.