UMASIPALA waseMsunduzi usolwa ngokubhubhudla izigidi zamaRandi ezimpesheni zabasebenzi balomasipala asebathatha umhlalaphansi.
Kuthiwa imali yezimpesheni zabasebenzi enguR30 million yanyamalala kulo masipala nosekuholele ekutheni abasebenzi bakuwona asebethathe umhlalaphansi bangayitholi imali yabo.
Lezi zinsolo zenziwe esithangamini nabezindaba ebesibizwe iDA.
Kusona bekukhona nabasebenzi abachaphazelekayo.
Ngokusho komholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodger, kunabasebenzi bakamasipala abangakayitholi imali yabo yempesheni egcwele, abanye sebeze bashona imali yabo ingakaphumi.
URodgers uthe abasebenzi ababalelwa ku-100 basebenza emkhandlwini iminyaka ephakathi kuka-45 no-55 kanti abanye babo bathatha umihlalaphansi eminyakeni engu-15 edlule.
Omunye wabasebenzi uthe wakhokhelwa u-R320 000 kuphela esikhundleni sikaR1, 7 million kulandela ukuthatha umhlalaphansi.
URodgers uthe sebenqume ukuludlulisela kubameli udaba lokunyamalala kwemali yabasebenzi.
“Ukuba imina engiphethe umasipala, bengizovele ngiyikhokhe le mali. Bengingeke ngivume ukuthi lolu daba luze luye enkantolo. Uma icala liya enkantolo, vele bazohlulwa. Bazogcina bemosha imali yomphakathi, bese ekugcineni beyahlulwa. Le mali kufanele bayikhokhe ngoba akuyona eyabo, eyabasebenzi. Kuwubusela le nto abayenzile.”
UMnuz Mveli Duma, uthe wasebenza kwamasipala iminyaka engu-45.
Uthe ngesikhathi ethatha umhlalaphansi ngo-2018, wanikezwa uR100 000.
Uthe watshelwa ukuthi le mali iyisinxephezelo ngoba imali yakhe yempesheni yanyamalala.
UDuma uthe iyamkhathaza eyokunyamalala kwemali yakhe ngoba le mali ibibanjwa njalo emholweni wakhe.
“Kuyimanje angakhile ekhaya, anginandlu. Bengithembe yona le mali. Imali ebengiyihola bengodla ngayo izingane, sizifundisa. Ngiphathe-ke kabi ngalolu daba ngoba ngisebenze isikhathi eside kwamasipala kodwa angiphumanga nalutho. Bebelokhu bethi imali bayasikhwezela, kanti bazidlela yona.”
Ikhansela leDA kuMasipala waseMsunduzi, uMnuz Ross Strachan, uthe le mali edukile yayikade iphethwe isikhwama sezimpesheni.
Uthe emva kokuthi lesi sikhwama sezimpesheni siwile, imali yabe isibuyiselwa eMsunduzi, nokuyilapho yafike yaduka khona.
UStrachan uthe lolu daba seluke lwaya emhlanganweni womkhandlu, kwathathwa isinqumo sokuthi umasipala kufanele uyikhokhe le mali.
Imenenja kamasipala, uMnuz Lulamile Mapholoba, ithe bafuna kuqalwe uphenyo olugcwele ngokunyamalala kwale mali.
“Ngifuna umkhandlu ungivumele ukuthi ngiqale uphenyo olugcwele ngoba ilona kuphela olungasinikeza izimpendulo ezigcwele.”
Uthe akazi ukuthi kungani abasebenzi bengakakhokhelwa namanje imali yabo yize kunesinqumo somkhandlu esithi kufanele bakhokhelwe.
Uthe akazi ukuthi bangaki abasebenzi abachaphazelekayo nokuthi imalini eyadukayo.