UPHIKA ulala ngomhlane owesilisa ukuthi wabhunyela ngopharafini maqede wokhela ngomlilo unina wengane yakhe ngenhloso yokumbulala.
UMnuz Khumbulani Comfort Mngoma (34) wethule ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo.
Usolwa wuMbuso ngokubulala ehlelile uNksz Angela Mbalenhle Dlamini e-Auckland, eMariannhill, ngoNovemba 2020.
UMbuso uthi umufi wayenobudlelwano bezothando nomsolwa futhi behlala ndawonye kubo (kaNksz Dlamini) nezingane zikamufi ezimbili.
UMngoma ubekwe namanye amacala amane okungamabili okushaya ngenhloso yokulimaza, elokushaya nelokusabisa.
Kuthiwa lobu budlelwano babumuncu, umsolwa ehlukumeza umufi, emshaya futhi emthuka kangangoba waze wamtholela incwadi yesivimbelo emaphoyiseni.
Kubikwa ukuthi wayezithwele umufi ngesikhathi eshona ngeSonto, langoNovemba 25, 2020, emuva kokulinyazwa ngoNovemba 14, wonyaka ofanayo.
Izolo, uMngoma ungene enkantolo efaswe izinyawo ngamaketango kwazise ugcinwe ezitokisini zejele laseWestville, eThekwini.
Ugibele ebhokisini lofakazi wabeka uhlangothi lwakhe ngathi kwenzeka. Uvumile ukuthi babehlala ngokuxabana nomufi okwakubangelwa ukuthi njalo uNksz Dlamini wayehlala esola uMngoma ngokuthi uyamjolela.
UMngoma uthe useke wagwazwa esiswini wumufi, waphinde wambilisa ngetiye ubuntu bakhe namathanga lapho abuya khona esibhedlela.
Ngosuku lwesehlo, uMngoma uthe wagajwa yintukuthelo emuva kokuthi uNksz Dlamini wazama ukumbhunyela ngamanzi abilayo ayesebhodweni esitofini usikeni owawubasiwe.
“Ngavele ngathatha istofu esasivutha ngamshaya ngaso, kanti uzokokheleka ngomlilo avuthe. Ngamcisha maqede ngahamba endlini imizuzu engu-30, ngiyofuna imoto eyayizomphuthumisa esibhedlela. Ngeshwa angiyitholanga, endleleni ebuyayo, ngahlangana nendoda eyathi angingabe ngisaya endlini, umufi usephuthunyiswe esibhedlela futhi umphakathi udiniwe ufuna ukungidla luhlaza,” kuchaza uMngoma.
UMbuso uthe ubufakazi bukaMngoma buhluke kakhulu kunalobo obethulwelwa inkantolo yindodana kamufi eyayineminyaka eyisishiyagalombili isendlini kwenzeka isehlo.
Le ngane esingeke silidalule igama layo ngenxa yeminyaka yayo emincane, kuthiwa yatshela inkantolo ukuthi uMngoma ubehlala eshaya unina, nayo useke wayingqimuza ngobuso odongeni, yaphuma igazi ngamakhala nangomlomo kwaphuma izinyo.
Kuthiwa isanda kutshela inkantolo ukuthi uMngoma wabhunyela ekhanda unina wayo ngopharafini wehla ngomzimba maqede wamokhela ngomlilo, wabe esedla phansi.
Le ndoda kuthiwa yayinokukhiphela umufi ummese obizwa ngeRambo, imsabise nangokuthi izombulala uma eke wayixosha kubo.
UMngoma waboshwa ngamaphoyisa emzini osezihlotsheni zakhe eMlaza, lapho kuthiwa wayeseqube khona. Icala liyaqhubeka.