UNETHEMBA lokuthi usuzokwazi ukufihla ithambo lawo ngesizotha, umndeni wowesilisa osekuphele izinyanga ezinhlanu anyamalala okukholakala ukuthi esakhe isidumbu okuthiwa sigqitshwe ethuneni elingashoni, KwaMaphumulo.
Lishone elangoLwesithathu amaphoyisa ematasa kumbiwa lapho kukholakala ukuthi isidumbu sikaMnuz Msizi ‘Manyosi’ Mchunu (24), sagqitshwa khona. Lokhu kungemuva kokuthi kuthiwa amaphoyisa aqinise isandla kumsolwa wagonyuluka wakhomba lapho uMchunu agqitshwa khona.
Kuthiwa wayegcine ukubonwa nabangani bakhe ngoSepthemba 25, 2023 bejahwa abesilisa ababexabane nabo endaweni yokucima ukoma, eNtshawini KwaDukuza.
Bese kuphele izinyanga ezinhlanu umndeni umthungatha, kanti kuthiwa omunye wabasolwa emva kokuthi amaphoyisa eqinise isandla, ugcine ekhombile lapho kwagqitshwa khona isidumbu sikaMchunu.
Uyise kaMsizi uMnuz Bongani Mthembu ekhuluma neSolezwe elapho bekuyombiwa khona, uthe kudingeke ukuthi udaba lwakhe alubike emaphoyiseni ezingeni lesifunda ngoba bekungekho okuqhubekayo ngokulahleka kwendodana yakhe.
“Sihleli lapha kulindwe amaphoyisa athile okuyiwona anegunya lokumba isidumbu. Kuthiwa umsolwa obeboshiwe wabuye wadedelwa ngebheyili ukhombe lapha, ngakho silindile uma kungesakhe isidumbu, sesizokwazi ukumfihla ngokufanelekile,” usho kanje.
Lo mndeni uthi ubusubheke yonke indawo kubalwa emakhazeni, ezibhedlela kwafunwa nasezihlotsheni kodwa lutho ukuthola umkhondo njengoba ubusukhalela ukufihla ithambo lawo.
Elandisa ngokwenzeke ngosuku lwesigameko uthe bathole ukuthi uMchunu nabangani bakhe bahilizisana nabanye besilisa endaweni yokucima ukoma, kulandela ukugwazwa komunye wabangani bakhe.
Uthe owayegwaziwe bamtholela imoto bamphuthumisa esibhedlela, ngenkathi sebesendleleni kuthiwa bahlangana nequlu kukhona kulo nababehilizisane nabo.
Indaba yaqala ngokuthi bamise imoto bababuze ukuthi kungani begwaze umngani wabo, iqulu lavele ladubula.
Uthe umngani kaMchunu owayeshayela imoto wadubuleka, kodwa wakwazi ukuqhubeka wabaleka ngayo waze wayofika esibhedlela.
UMchunu kuthiwa wayegcine ukubonwa ngesikhathi bemjaha ebaleka ngezinyawo kwaba ukunyamalala kwakhe.
UMthembu uthe emva kokudedelwa ngebheyili komsolwa owabekwa icala lokuzama ukubulala, kuthiwa ubebhala epikla ezinkundleni zokuxhumana.
Kuthiwa kusize amaphoyisa akwazile ukusebenzisa izindlela zawo njengoba egonyulukile wakhomba lapho kugqitshwe khona isidumbu sengane yakhe.
Yize kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli, kodwa umndeni uqinisekise ukuthi umsolwa oboshiwe uyena okhombe lapho kugqitshwe isidumbu okusolwa okuthi esikaMchunu okuthiwa izinsalela zaso zithathiwe zagcinwa emakhazeni kusalindwe imiphumela yolibofuzo.