SEKUSUKE umsindo esiteshini somsakazo womphakathi ngenxa yombango wemali yesoso, okuthiwa idliwe wumsakazi weMbokodo FM.
Kubikwa ukuthi ngesonto eledlule, elinye omunye wosomabhizinisi ukhiphe uR700 ngenhloso yokunikelela umndeni kaTshepo “Dr TP Hlengwa oshone ngeledlule, obesebenza kwiMbokodo FM.
Kuthiwa lo msakazi othathe imali, uMthunzi Xulu ubeshayela uhlelo lwasekuseni, iSivukile Breakfast Show.
Kubikwa ukuthi imali igcine ingafinyelelanga emndenini kazakwabo.
Inkonzo yesikhumbuzo kaDr TP ibingoLwesine ePinetown Civic Centre.
Umgcwabo wakhe ubuseHammarsdale ngoMgqibelo.
Ulandisa umthombo, uthe usomabhizinisi (esiligodlile igama lakhe) ufake imali kwi-akhawunti kaXulu ongazange azixake ngokunika umndeni kazakwabo uR700.
Lo msakazi kubikwa ukuthi uqale imali wayikhomba kuThuli Nhlapho odume ngelikaSgegede kodwa wagcina esekhomba usomabhizinisi waseHammarsdale, athe nguye amkhokhele le mali.
Umthombo wephephandaba uthe namanje akuqondakali ukuthi imali ishone kuphi njengoba uMthunzi esehamba ekhomba abantu abehlukene.
“Thina sazi ukuthi unikelile (uSgegede) nge-sound ebisetshenziswa enkonzweni yesikhumbuzo sikaDr TP. Simangale kabi sesizwa uSgegede eziqhelisa emalini,” kusho umthombo.
Kubikwa ukuthi kumanje lo msakazi oseshiyile kwiMbokodo FM nomphathisiteshi, uSandile Ngema kababhekani ngenxa yokunyamalala kwemali.
UXulu kubikwa ukuthi ushiye umsakazo ngeledlule ngemuva kokuthi esolwe ngokudla imali.
Ethintwa uXulu uthe usethathe isinqumo sokuthi avulele umphathi wesiteshi, uNgema icala lokumethuka nelokudicilela phansi isithunzi sakhe.
“Ngizovula icala ngoba kayikho imali engiyidlile. Leyo mali abangithuka ngayo bethi ngiyidlile ngiyikhokhele umnikazi wenkampani esiqashe kuyo i-sound, esiyisebenzise emngcwabweni.
Ngosuku lwesikhumbuzo ngihlele ukuthi silekelelwe nguSgegede kodwa ngolomngcwabo kwaphoqa ukuthi sisebenzise omunye umuntu one-sound enkulu. Imali ngibe sengiyikhokhela umuntu okunguye osiboleke i-sound,” kusho umsakazi.
Ebuzwa ukuthi kungani imali engayinikanga umndeni kaTP, uthe ubevele engayifunelanga isoso lomndeni kodwa ubehlose ukukhokhela izindleko zomngcwabo kazakwabo.
UXulu uthembise intatheli ukuthi uzoyithumela imiyalezo ekhomba ukuthi imali ngekabani kodwa wagcina engayithumelanga.
Ushaye ungqimphothwe intatheli isifuna imiyalezo, wayitshela ukuthi usethathe isinqumo sokulinda kuphume udaba kuleli phephandaba kuqala.
UNgema ongumphathisiteshi ngesikhathi ethintwa, uthe kungamjabulisa ukuthi uXulu aziyele yena emaphoyiseni.
“Makaphuthume esiteshini samaphoyisa, uma efuna ukuvula icala. Yizindaba ezimnandi lezo futhi ezingijabulisayo. Bengingazimisele ukuthi lolu daba lufike kwabezindaba kodwa uma esekhuluma kanjalo, kulungile-ke akayolivula lelo cala. Wuyena oyaziyo imali ukuthi uyishonise kuphi,” kusho uNgema.
UNkk Thuli Nhlapho odume ngelikaSgegede, uthe umangele esethola izindaba ezithi ukhokhisile nge-sound anikele ngayo mahhala.
“Angimazi lo mfana (uXulu) ukuthi kungani aqambe amanga ngami athi ngikhokhisile. Ingishiye ngididekile le nto futhi namanje ngisamangele ukuthi kungani eqamba amanga ngami. Bengijwayelene kakhulu noDr TP futhi bengingeke ngiwukhokhise umndeni wakhe, noma isiteshi ngokufaka isandla enkonzweni yokumvalelisa,” kusho usomabhizinisi.
Inkosikazi kamufi, uNonto Hlengwa, yalile ukuphawula ngalolu daba ngesikhathi ithintwa.
UNdlelenhle Khanyile waseHammarsdale, oveze ukuthi uXulu nguye amnike uR700, uthe ubekubeke kwacaca ukuthi uyanikela nge-sound yakhe.
Uthe ngokwakhe ubona ukuthi uXulu ubesezama ukugeza igama lakhe njengoba esolwa ngokudla imali.