UMMELI womunye wabamangalelwa abasolwa ngokubulala unozinti weOrlando Pirates, uSenzo Meyiwa, utshele iNkantolo eNkulu ePitoli, ukuthi ngabe amumele waphendula ngenye indlela enkantolo ukube wayazi ukuthi kunelinye idokodo lesibili elavulwa ngo-2019.
U-Advocate Zandile Mshololo uthe umsolwa wesihlanu, uMnuz Fisokuhle Nkani Ntuli, wancishwa ilungelo lakhe ngokuthi angatshelwa ukuthi kunedokodo lesibili ngaphambi kokuthi alivume noma aliphike icala.
Uthe ukube uNtuli wayenolwazi lokuthi kunedokodo lesibili ngaphambi kokuthi atshele inkantolo ukuthi uyaliphika icala, wayengenza okwehlukile kodwa ukungabi nalo ulwazi kwamenza ukuthi angakwenzi lokho.
"Ngo-2014, kwavulwa idokodo u-636, idokodo u-375 lavulwa ngo-2019. Engizama ukukubeka enkantolo ukuthi ukube ummangalelwa wesihlanu wayenolwazi ngalelo dokodo wayezokwenza okuhlukile," kusho uMshololo.
Uthe njengamanje ayikho indlela okungalungiswa ngayo lokhu ngoba vele kukhona osekwakhulunywa ngalolu daba ngakho ayikho indlela yokuthi kucishwe.
"UMbuso wawunolwazi lokuthi kunelinye idokodo. Ukuphendula umbuzo othi ngabe kukhona ukucindezeleka okwenzeka ngenxa yalokho, yebo kwaba khona, ngokuka-Section 87 of the Criminal Procedure Act, onikeza umsolwa ilungelo lokuthi acele ulwazi oluthile kuMbuso uma enolwazi lokuthi kunolwazi okumele alucele. Kodwa lokho akwenzekanga ngoba wayengenalo ulwazi," kusho yena.
Kusukela ngoJuni, iNational Prosecuting Authority (NPA) yaveza ukuthi kunedokodo lesibili.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kaKelly eVosloorus, ngo-2014. Abasolwa ngokumbulalala ngoMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya, Bongani Ntanzi, Mthobisi Mncube, Mthokoziseni Maphisa noNtuli.
Kuleli dokodo lesibili kusolwa indodana kaChicco Twala, uLongwe, unina Kelly, uNkk Khumalo, udadewabo kaKelly uZandie Khumalo, umngani kaSenzo, uMnuz Tumelo Madlala, uMnuz Mthokozisi Twala nomakhelwane uMaggie Phiri, okuthiwa nguyena owahlanza endaweni yesigameko amaphoyisa engakafiki.
Okunye okuthiwa kuyavela kuleli dokodo yisitatimende sikaBrigadier Ndlovu owayengomunye wabaphenyi baleli cala owashona, esikaWarrant Makhubo nesikaSgt Thabo Mosia esiphambanayo nesisedokodweni lokuqala.
NgoJuni, incwadi ebhalwe wumqondisi wabashushisi eGauteng, yafundwa enkantolo lapho ayechaza khona ukuthi abantu ababalwe kwidokodo lesibili ngeke bashushiswe kubo okubalwa noKelly Khumalo.
NgoMsombuluko enkantolo, umshushisi uGeorge Baloyi, uthe awukho umonakalo ongako owadalwa ukuthi uNtuli wayengazi ngedokodo lesibili ngoba omunye wabameli, u-Advocate Malesela Teffo osanda kulaxaza abasolwa abane ayebamele, watshelwa ngalo, uMshololo wayengekho.
"Konke okwakhulunywa kuqoshiwe, akukho okwakungashintsha, uma uNtuli ayengasho okuhlukile kwakungaba yikuphi?" kubuza uBaloyi.
Bonke abamangalelwa bayaliphika icala abathweswe lona.