I-INTERPOL idlulisele emaphoyiseni imishini esho ngaleso sikhathi uma umuntu ekuleli ngokungemthetho noma uma uhamba ngemoto eyebiwe.
Le mishini inikwe amaphoyisa uNobhala-jikelele we-Interpol, uDkt Jurgen Stock osohambeni lwezinsuku ezimbili eNingizimu Afrika.
Imishini yamukelwe uMkhuzi wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe imishini izolekelela ngokuthi ube impumelelo umsebenzi wamaphoyisa wokulwa nobugebengu.
“Uzositshela ngaleso sikhathi uma umuntu engene eNingizimu Afrika ngendlela engekho emthethweni futhi uma imoto iduniwe noma yebiwe,” kusho uBrig Mathe.
Umbutho wamaphoyisa kuleli uyingxenye yamazwe omhlaba ayilungu lale nhlangano.
Khonamanjalo, athelekile eParis, eFrance amaphoysa angu-15 asophikweni iPublic Order Policing (POP) azoba ingxenye yazobe eqaphe emidlalweni yama-olympic evulwa ngokusemthethweni ngoLwesihlanu.