INKAKHA yomculo weKwaito, uSboniso "Msawawa" Dlamini, umangaze abantu abaningi etheleka enkonzweni yomculi wokholo, uSphumelele Mbambo, eTropicana Hotel, eThekwini ngoMgqibelo.
Ubegqoke ihembe elisangubo futhi ephethe nesikhali. Ubengesona isibukeli kodwa naye ubegwaba nabazalwane futhi eshaya idilesi.
USphumelele uthe naye ushaqekile ukuzwa uMsawawa ethi ufuna ukuza enkonzweni.
"Akangijwayele, futhi nginesiqiniseko sokuthi uyakhokhelwa ukuza ezindaweni. Uvele wathatha isinqumo ... ungihlekise kabi ngoba uthe ‘ngeke ngigqoke izinto zesonto, ngizovele ngishaye, ngize kumoya’."
USphumelele uthe kuyisibusiso ukuthi uma umemeza ehlane, kusabele nabantu abebengalindelekile. Uthe kuyihlazo ukuba umzalwane abizwe kodwa angayi enkonzweni, ingekho into ayenzayo ngenxa yokuthi ubizwe ngumuntu ongafanelekile.
"Yini lena okumele ngiyenze ukuze ngifaneleke?" kubuza yena.
Uthe abantu bakukhonza ngoba usufile. USphumelele ubuye watshela uMsawawa ukuthi unengilosi enjengekaDavide, udinga nje kuphela ukuba athandaze.
"Uyisibusiso emhlabeni. Wayengakanani eduma? Wayemncane. Wayesaphuma esikhwameni. Angithi ezinye izinto ezimshaye manje yingoba kwaduma ubuNkulunkulu kuye kanti udumela emhlabeni ongcolile. Yayisiyalimala ingelosi yakhe," kusho uSphumelele ngoMsawawa.
Ekhuluma uMsawawa, ubonge kakhulu uNkulunkulu ngokuthola ithuba lokuhlangana nabazalwane.