UKHALE ngokungagqizwa qakala kwesicelo sokudilizwa kwezakhiwo eziyingozi endaweni umndeni womfana (10) owelwe wudonga lwaseposini washona KwaBester, eThekwini.
USiyamthanda Ngcongo (10) ushonele endaweni yesigameko emva kokuwelwa udonga lwaseposini elidala akade edlala kulo nabangani bakhe.
Kulesi sigameko, kulimale nenye ingane okuthiwa iphuthunyiswe esibhedlela.
Lifika endaweni yesigameko Isolezwe, lithole sekugcwele umphakathi nezinhlaka ezehlukene ukuzobabaza isehlo.
Phakathi kwazo bekukhona ikhansela lendawo nobuholi beMK endaweni, obebusondele kakhulu noyise kamufi, uMnuz Sbo Ngcongo.
Ekhuluma kanzima uNgcongo, uthe unemibuzo eminingi angazi ukuthi izophendulwa ubani.
“Wonke umuntu ufika esiphethweni sokuthi kuwe udonga ngenxa yemvula. Kungani wonke umuntu ecabangele emvuleni,” kubuza uNgcongo, othe ushayelwe ucingo esemsebenzini, etshelwa ngesehlo.
Uthe kuyamcasula ukuthi wonke umuntu usefuna ukusola imvula ekubeni kwaziwa kahle ukuthi kunesikhalo ngezakhiwo ezingekho esimweni, ezindala, ezingasasebenzi neziyingozi emphakathini.
“Ingane yami le elahlekile. Iyangicasula le nto yokuthi kucatshangelwe emvuleni, ukube lwasuswa udonga, ngabe asizange sifike la,” kusho uNgcongo.
Ubuze ukuthi njengoba sekwenziwa izinhlelo zokuthi lususwe, bekulindweni.
“Yini abayenzile ukuze kungakenzeki lesi sigameko? Bahlale bezidlula lezi zakhiwo, bengenzi lutho ngazo,” usho kanje.
Ugcizelele ngelithi ucasulwa abantu abenza sengathi bayamkhathalela, kodwa kade kungenziwa lutho sonke lesi sikhathi, kwaze kwaba ukuthi yena ulahlekelwa yingane.
Isolezwe lithole ukuthi sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi abasebenzisa izidakamizwa balicekela phansi iposi, bekhipha amabhokisi okwakufakwa kuwo izincwadi kwasala udonga lodwa.
Lithole ukuthi izingane zendawo bezihlale zidlala kulona, kwesinye isikhathi zize zigibele phezulu.
Izolo kuthiwa ngesikhathi luwa, ezinye zikwazile ukusheshe zibone zabaleka, kodwa ezimbili zahluleka, okugcine kuholele ekutheni umufi aphangalale.
Umphakathi uphinde wakhala nangehholo eliseduze kwendawo yesigameko, wathi nalo liyingozi ezinganeni ezidlala kulo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Ntshangase, lithe alifuni ukungena ligxile kwezithinta ipolitiki, lathi isigameko senzekile washona umntwana.
“Yinto ebingenzeka noma ikuphi, noma nini, awukwazi ukulivimba icebo likaNkulunkulu,” kusho uNtshangase.
Uthe akafuni ukungena entweni yodonga ngoba lokho kuzoba sengathi kufunwa umuntu ozosolwa ngesigameko kanti siyintando kaNkulunkulu.
“Okunye nokunye siyokubona ngezikhathi zamavoti. Uma singabantu kwesinye isikhathi kufanele sibukhombise ubuntu. Isidumbu sengane njengamanje silele lapha phansi, kufanele uma singabantu sizifundise ukuthi kukhona izinto okungafanele sidlalele kuzo,” kusho uNtshangase.
Uthe isigameko esifana nalesi njengoba kade lina, besingenzeka ngisho nasekhaya, izingane zithi ziyadlala, kuwe udonga, luzimboze.
“Okubalulekile ukuthi sibheke ukuthi umndeni uhlangatshezwa kanjani ukutheni umntwana afihlwe ngesizotha,” kusho uNtshangase.
Uthe banezinhlelo zokuthi ihholo, okungesilo elikamasipala, elikaSection 21, lilungiswe uMsamariya olungileyo.
“Akulona lodwa mabili. Ukube bekuyindlu kamasipala ngabe kade salilungisa, manje elikaSection 21,” kusho uNtshangase.