UMSAKAZO waseNewcastle, iMvula FM, unikelele ikhaya labaphila ngokukhubazeka ngegilosa nangezinye izinsiza, ngenhloso yokubuyisela nokubhiyozela ukwesekwa lo msakazo okuthola emphakathini wakule ndawo.
Umphathi walo msakazo, uMnuz Phumlani Dlamini, ubehambisana nabanye babasakazi, baphinde bahlaba isoyi emndenini wakwaNgwenya abethembise ukuwakhela ikhaya kulandela ukuthi kushe kungqongqe umuzi wawo muva-nje.
UDlamini uthe ngeke ziphele izinyanga ezintathu engawakhelile lo mndeni umuzi. Uthe kwamanje ngabe sebakhile,kodwa le nkinga yalo mndeni uthe yinto abasanda kuyizwa.
“Lo mndeni wasala nokugqokile ngesikhathi kusha kungqongqa ikhaya lawo. Sizamile ukubasiza ngalokho ebesingabasiza ngakho kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi bagcine benekhaya,” kusho uDlamini.
Echaza uthe iMvula FM yisiteshi asisungula ngoba ecabangela abantu bakule ndawo namaphethelo, yingakho kubalulekile ukuthi lo mphakathi nawo uzizwe uyingxenye yalesi siteshi.
Uthe bafuna ukuba yisiteshi esingagcini nje kuphela ngokusakaza kodwa esiphinde sibonakale senza umehluko omkhulu emphakathini esiwusakazelayo.
Uthe ngisho izinhlelo zalo msakazo zigxile kakhulu ekuthuthukiseni umphakathi nokuqinisekisa ukuthi abantu bathola ukusizakala ngawo umsakazo.
“Abantu abaphila nokukhubazeka kumqoka kakhulu ukuthi sibazise futhi sibahloniphe ngaso sonke isikhathi. Okukhulu kunakho konke kumele sibakhombise uthando oluhambisana nezenzo,’’ kuchaza uDlamini.
Eqhuba uthe ukholelwa kakhulu ekutheni umuntu ungumuntu ngabantu.
Zonke lezi zinhlelo uDlamini uthe bakhethe ukuthi baziqondanise ngamabomu nenyanga kaJulayi eyaziwa njengeyokubungaza owabe enguMengameli wokuqala wentando yeningi wakuleli, uDkt Nelson Mandela.