UMSAKAZI weVuma FM, uLekomotion Ngcobo ululeka abantu ngokuya esibhedlela noma emtholampilo bayozihlola ukuthi konke kusahamba kahle yini empilweni.
Engxoxweni ekhethekile ayenze neSolezwe Ngempelasonto Online, uLeko uthe usesibhedlela eNkosi Albert Luthuli. Uthe kungenzeka ahlale izinsuku eziyishumi.
“Abaningi bazokhumbula ukuthi ngike ngaphathwa yizinso kodwa ngenhlanhla ngakwazi ukuyithola, isimo sami sabuyela kwesejwayelekile. Ngize la ngoba ngizobheka nje ukuthi konke kuhamba kahle.
Kodwa odokotela kukhona asebekutholile okuhambisana nokungahambi kahle kwegazi,” kuchaza uLeko.
Uthe ayikho into ebaluleke njengokuyozihlola, uveze ukuthi abantu bakhuthalela ukuhlola izimoto zabo bagcine bekhohlwa yibona nokuyinto ebalulekile.
Uveze ukuthi uma uyozihlola uthola ukuthi unesifo esingakohambi kangako kuwena, odokotela bakwazi ukusinqanda.
“Kunezifo zenhliziyo, shukela, umdlavuza nezinye ongakwazi ukuzibamba uma usheshe wazithola, yingakho ngigqugquzela abantu ukuthi bazihlole, uma uzwa uphethwe yikhanda elincane phuthuma emtholampilo ungalokhu uthi lizophela,”kusho uLeko.
Uphethe ngokuthi uzohambela izindawo eziningi eluleka abantu ngokubaluleka kokuhambela umtholampilo.