KUTHOLOZA isomi esitokisini kumqaphi wezikhulu zikaMasipala weTheku, oboshelwe isibhamu esingekho emthethweni nezimpahla okusolwa ukuthi zebiwe. Kuthiwa umqaphi usebenzise imoto yomkhandlu ehambisa izigebengu aboshwe nazo ezisolwa ngokuzenza amaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe umqaphi uboshwe nababili eTshelimnyama, ngasePinetown. Kuvela ukuthi umphakathi ubone imoto esolisayo izulazula KwaNdengezi, wathinta amaphoyisa. Imoto ebihamba abalisa kuthiwa ibonakale isuka igijima emuva kokuthi kuqhume isibhamu.
ULt Gwala uthi amaphoyisa ahubhe imoto ebinabasolwa abathathu ngesikhathi abanye ababili bebaleka ngezinyawo kujantshi wesitimela. Uthe ngesikhathi amaphoyisa ebabamba athole izimpahla zamaphoyisa ivesti evimba izinhlamvu, ozankosi, ivesti yamaphoyisa, yijazi lemvula, ijakhethi, izikhwama zezibhamu. Kuthiwa bekukhona namakepisi amaphoyisa nothayela ababhalwa izinombolo zemoto.
Umqaphi womkhandlu weTheku, uthweswe amacala okutholakala nesibhamu, izinhlamvu nempahla okusolwa ukuthi yebiwe. Abanye abasolwa bathweswe amacala okuzenza amaphoyisa nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni. Bazovela kusasa eNkantolo yeMantshi ePinetown.
Kushaye isikhathi sokushicilela abakaMasipala weTheku bengayiphenduli imibuzo ethunyeliwe.