KUBOSHWE umqaphi wePhini leMeya yaseNewcastle ngokufa kukazakwabo, uMnuz Dencor Mdlalose, owadutshulwa emasontweni adlule. Umqaphi oboshiwe kuthiwa ugada iPhini leMeya uMnuz Musa Thwala.
Kwakuvele ukuthi uMdlalose wabulawa ezama ukuvikela uThwala ehlaselwa kodwa sekunokunye okuvelayo. Kuthiwa kunobufakazi obusha be-video obuveza ukwenzeka kwesehlo, obuholele ekutheni amaphoyisa abhozomele lo mlisa. Kuthiwa isibhamu esadubula ngesomqaphi oboshiwe.
UMasipala waseNewcastle uphethwe yi-IFP ngokubambisana neTeam Sugar South Afrika (TSSA) eholwa wuThwala oyiPhini leMeya. Umthombo owazi udaba uthi ithimba eliphenya amacala ezepolitiki lilande umqaphi wethweswa icala lokubulala. Umthombo uthi umqaphi usezikhindini futhi yindaba okuphuzwa ngayo itiye le kumasipala.
“Uboshiwe wanqatshelwa ngisho ibheyili futhi ususiwe ejele elilapha eduze wayiswa kwenye indawo. Angazi bakwenzeleni lokho. Ngiyasola kungenxa yobucayi becala,’’ kusho umthombo.
Amaphoyisa KwaZulu-Natal athe udaba luphethwe yithimba eliphenya amacala ezepolitiki, ngeke akwazi ukuphawula ngalo. Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uColonel Athlenda Mathe akakuphikanga ukuthi uboshiwe umqaphi kodwa uthe abakwazi ukuphawula ngoba kusaqhubeka uphenyo.
UThwala oyiPhini leMeya uthe usalinde ukuthola kahle umbiko ophelele emaphoyiseni ngoba ake amthinta ecela umhlangano naye. Uthe kodwa ukhona umqaphi wakhe onyamalele ongatholakali nasocingweni, akazi noma uboshiwe yini.
IMenenja kaMasipala eNewcastle, uMnuz Zamani Mcineka, ithe ayikawutholi umbiko oqondile ngokuboshwa komqaphi wephini lemeya.
“Ngike ngezwa nje leyo ndaba ikhulunywa kodwa akukho okusemthethweni okubikiwe kimi. Ngeke ngikwazi ukuyiqinisekisa, yinto engachazwa wuyena umhlonishwa,’’ kusho uMcineka.