KUMISWE izinhlelo zikaMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, zokuyosebenzela oLundi.
Izinhlelo zikaButhelezi zimiswe ngenxa yokuthi kunemithetho engazange ilandelwe ngesikhathi kuthathwa isinqumo sokuthi ayosebenzela esiShayamthetho esidala.
Lokhu kushiwo uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, obekhuluma nabezindaba ebebehambele iPhalamende labantu abaphila nokukhubazeka, obuseRichmond, izolo.
Amahhovisi amasha asoLundi abezovulwa iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, kusasa.
Kepha uNtuli uthe umcimbi ngeke usaqhubeka ngenxa yokuthi kunemithetho okufanele ilandelwe ngaphambi kokuthi uButhelezi aye kosebenzela oLundi.
“Njengohulumeni wesifundazwe sibuke ukuthi kukhona izinto okufanele siqale sizilungise ngoba kukhona okunye okuqopheke phansi kwemithetho okufanele sidlule kahle kukhona ukuze wonke umuntu okuhulumeni ahambisane kahle nathi. Sibambisene nongqongqoshe, sinqume ukuthi siwuhlehlise umcimbi ukuze sidlule kahle kulokhu.”
UNtuli uthe umqulu olawula ukusebenza kukahulumeni uyawuvumela umnyango ukuthi ube namahhovisi ezindaweni ezimbili.
Uthe kula mahhovisi kungaba ileli eliseMgungundlovu, bese kuba khona elesibili okungaba uMphathiswa okhethayo ukuthi lizokuba kuphi nendawo.
“Yizo zonke le zinto esifuna ukuthi sidlule kahle kuzona ukuze kungabi khona abantu abazothi kukhona izinto esingazange sizilandelele kahle.”
UNtuli uthe ukuhlehla komcimbi akusho ukuthi uButhelezi ngeke esaya kosebenzela oLundi.
“Usuku lokuba livulwe luzobuye luqoshwe kahle, bese umsebenzi uqhubeka njengesifiso somnyango. Ngithi angikuchaze lokhu ngoba ngiyazi ukuthi abantu abamenyiwe, abanye bese bebuza ukuthi ngabe kukhona inkinga ekhona yini. Cha ayikho inkinga. Amalungiselelo nje kanye nemigudu ethile esibone ukuthi kufanele siyilandele kuqala. Ngithi angithathe leli thuba ngikucacise ukuthi kuzoqhubeka ukuvulwa kwamahhovisi omnyango njengokuvumelana kwami nongqongqoshe, kodwa usuku luzobuye lumenyezelwe.”
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Senzelwe Mzila, uyalele ukuba yonke imibuzo ibhekiswe ehhovisi likaNtuli ngesikhathi ebuzwa ngemali esetshenziswe umnyango ulungiselela umcimbi wakusasa nokuthi kungani umnyango uhlele umcimbi ekubeni kunemithetho engalandeliwe.
Okhulumela uMphathiswa wezeZimali, uMnuz Francios Rodgers, uMnuz Nkosikhona Duma, uthe bayasamukela isimemezelo sikaNtuli.
UDuma uthe ukhona umthetho ochaza kabanzi ukuthi abaphathiswa bangaba namahhovisi amangaki.
“Kubukeka sengathi undunankulu ubuke lokho.”
Isinqumo sikaButhelezi sokuyosebenzela oLundi sisuse imvunge kwabanye abebekhala ngokuthi lokhu kuzokwandisa izindleko njengoba kuzodinga ukuthi abasebenzi bomnyango basebenzele eMgungundlovu nasoLundi.