UZOVELA namhlanje eNkantolo yeMantshi yaKwaNongoma umqaphi wephini lemeya kuMasipala wasoLundi, oboshwe ngoLwesihlanu ngecala lokubanjwa inkunzi kwesitolo KwaNongoma.
Umsolwa ona-38 okuthiwa ungumqaphi kaNkk Thembelihle Gabi Madela, oyiphini lemeya kulo masipala nabanye abasolwa ababili okuthiwa wayehamba nabo, kusolwa ukuthi bangena esitolo eShoprite esiKwaNongoma bathatha imali ethile bahamba nayo, esigamekweni okuthiwa senzeke emasontweni amabili adlule.
Ngokulandisa komthombo weSolezwe, abasolwa babengazifihlile ubuso ngesikhathi bengena esitolo, ngenhloso yokubamba inkunzi njengoba bevela esithombe esithathwe ngamakhamera.
“Kuyacaca ukuthi kukhona umuntu ongaphakathi abebesebenzisana naye, okungenzeka ukuthi bazitshele ukuthi ukwazile ukulawula amakhamera angabaqopha.
Imali eyathathwa khona kungenzeka ukuthi bayihlukaniselana njengoba umsolwa (umqaphi) etholakale nemali ethile,” usho kanje.
Akucaci noma abanye abasolwa sebeboshiwe yini njengoba amaphoyisa eqinisekise ukuboshwa kwalo oyedwa.
Umthombo uthe emva kokuvela kumakhamera kwakhe, kudingeke ukuthi aziyise yena emaphoyiseni elandela iziyalo zabathile abamtshele ukuthi enze njalo.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kukaMasipala wasoLundi kayiphumelelanga ngoba ucingo lwemenenja kamasipala, uMnuz Sandile Khomo belukhala lungabanjwa, iMeya uMnuz Wilson Ntshangase ithe isemhlanganweni kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Ucingo lukaNkk Madela nalo belukhala lungabanjwa, olukaSomlomo kamasipala uMnuz Senzo Buthelezi beluvaliwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe umsolwa ona-38, ubhekene necala lokubanjwa kwenkunzi elenzeke ngo-Okthoba, 5, 2023.