UFUQA umbhidlango wokulekelela abafelokazi nezintandane uMphrofethi ophinde abe ngusomabhizinisi.
USphamandla Khuzwayo okhonzisela enkabeni yeTheku eSangro House uthi njengoba kuyinyanga yabantu besifazane uthathe isinqumo sokuthi afake igxalaba ukulekelela abesifazane abangabafelokazi.
Uthi nezintandane nazo uyazifaka kulolu hlelo njengoba ekholwa ukuthi nazo ziyaludinga usizo.
Uthi uyabahambela emakhaya abathengele amagilosa okudla aphinde ashiye nomkhuleko.
Echaza ngalokhu uKhuzwayo uthe : "Ngithathe isinqumo sokuthi njengoba kuyinyanga yabantu besifazane kube khona engikwenzayo nami. Lena yindlela nami engihlose ukukhombisa ngayo ukuthi ngibazisa kangakanani abantu besifazane.''
UKhuzwayo uveze ukuthi lolu hlelo lokuhambela abafelokazi luzobonakala lukapakela ezigxenyeni ezahlukene zasesiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Mayelana nezintandane uthe : “Ngikholwa ukuthi izingane eziyizintandane ziyadinga ukuthola ukunakekelwa ngendlela efanelekile.’’
Okwamanje uKhuzwayo udalule ukuthi abafelokazi asebahambele bangu-20.
Uthe usebuya KwaMakhutha, eFolweni, eMandeni, eMlazi, KwaMashu, Maphumulo, eKranskop kanye nasoLundi ehambela abafelokazi nezintandane.
"Engikuqaphelile ukuthi abantu besifazane abangabafelokazi nezintandane bayaludinga kakhulu usizo. Kodwa ngiyathemba ukuthi lokhu okuncane esibashiya nakho kugcina kuwenza umehluko omkhulu emindenini yabo,'' usho kanjena.
Uthe njengoba enguMphrofethi nje uyakuqonda kahle kamhlophe ukuthi mungakanani umthwalo abafelokazi ababhekana nawo emakhaya uma sekushone abayeni babo.
Uthe yize ebheke kakhulu abafelokazi kodwa uyayihambela naleyo mindeni ehlwempu nakhona aphose itshe esivivaneni.