KUSHONE elayizolo kunesiphithiphithi izwe lonke nasezinkundleni zokuxhumana kuvela igama likaKelly Khumalo, ukuthi nguyena owanika izinkabi itoho lokuqeda ngoSenzo Meyiwa.
Umholi wabaphenyi becala, uBrigadier Bongani Gininda, izolo uphihlize iguncu enkantolo eveza ukuthi uKelly wuyena owakhokhela izinkabi ukuthi ziyise uMeyiwa kwagoqanyawo, elekwe ngesoyi.
Ubufakazi obethuliwe buthi uKelly wayenezinombolo zocingo ezehlukene ezine, ayezisebenzisa edidiyela izinkabi futhi wawafihlela amaphoyisa ngazo. Uphenyo lwezobuchwepheshe kuthiwa lwaveza lezi zinombolo, okuthiwa yizona ayexhumana ngazo nabamangalewa ababili.
UNgoti wezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala, uthe lokhu okuvele enkantolo ngoKelly akukabi wumazihlokoza ezinsolweni zokubulala.
UMeyiwa wadutshulwa wafa ekubo kwentombi yakhe ewumculi, uKelly eVosloorus, eGauteng ngobusuku buka-Okthoba 26, 2014. Ukubulawa kukaMeyiwa, owayeyisilomo sikanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, kwashiya abaningi beshaqekile.
UZikalala uthe njengamanje kusabangwa indaba yokuthi izitatimende zokuvuma icala zabamangalelwa zizomukelwa yini ukuba wubufakazi.
“UKelly usaphephile okwamanje ngoba lokhu okudingidwayo akuhlangene naye. Uma befuna ukumhlanganisa necala, kuyofanele bambophe athweswe amacala kulethwe ubufakazi obunzulu enkantolo,’’ kusho uZikalala.
UZikalala uthe kube yishwa lakhe uKelly ukuthi anindeke kanje kodwa ayikho into angayenza manje ukuvimba lokhu ngoba kuqulwa icala. Uthe uKelly kufanele alinde, abone ukuthi isiphetho kuzoba yini.
UGininda unguMkhuzi wophiko iNational Cold Case Investigative Unit ehhovisi lomkhuzi wamaphoyisa ekomkhulu ePitoli. Ummeli wabamangalewa u-Adv Thulani Mngomezulu, ucele uGininda ukuthi afunde isitatimende sakhe esifungelwe.
Umshushisi u-Adv George Baloyi, uqale wamxwayisa uMngomezulu ngokufundwa kwesitatimende kodwa waphikelela wathi asifundwe. UGininda ungene kusona isitatimende wasifunda, waveza ukuthi uphenyo lukhomba ukuthi wuKelly umqashi wezinkabi.
Uthe lokhu kwavezwa wummangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya ngesikhathi ehlambuluka evuma elokubulala uMeyiwa.
“Ngesikhathi evuma icala ummangalelwa wokuqala, wakubeka kwacaca ukuthi babethunywe wuNksz Kelly Khumalo ukuthi babulale uMeyiwa. Ummangalelwa wahamba wayokhomba endaweni yesigameko, wachaza konke nokuthi ubani wayemi kuphi,’’ kusho uGininda.
Uthe nommangalelwa wesibili, uBongani Ntanzi waphinda walidalula igama likaKelly, ethi wuyena owabanika itoho lokuqeda ngoMeyiwa.
UGininda uthe ngesikhathi kuphenywa ucingo lukaMthobisi Mncube, ongummangalelwa wesithathu kwatholwa isithombe sesikhwama semali. Uthe leso sithombe sesikhwama semali satholakala nasocingweni lukaKelly, sifana nse futhi sisendaweni efanayo.
Kuvele ukuthi ummangalelwa wesine, uMthokoziseni Maphisa yena wayenikwe umsebenzi wokugada ngaphandle komuzi nesibhamu esincane, ngesikhathi kubulawa uMeyiwa. Kuvele nokuthi ummangalelwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli yena wabathutha ngeVW Polo ayesele kuyona ngaphandle ebalindile.
UGininda uthe uKelly wayeke waxoxa nodadewabo uZandi ngo--2013 ethi uzonda kabi uMeyiwa futhi uyazisola ukuthi wayeyekeleni ukumbulala ekuqaleni. UGininda uthe uyakholwa wukuthi uKelly wubhongoza.
Bekungaqali ukuthi uKelly anindwe wubufakazi njengoba bathi beqala abamangalelwa ukuvela enkantolo, kwaputshuka iphepha elithi kufanele kuhlolwe amarekhodi ezingcingo zakhe.
Emuva kwalokho ungoti wamaselula wethula ubufakazi bokuthi uKelly wayexhumana ngocingo nabamangalewa. Icala liyaqhubeka namhlanje.