UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, weseka imizamo yokuthi umasipala oyinhlokodolobha yaKwaZulu-Natal, uMsunduzi, wenziwe umkhandlu dolobha.
UButhelezi uveze ukuthi usebhalele inhlangano ebhekelele ukuklanywa kwemingcele, iDemacartion Municipal Board, lapho ezwakalise khona ukuxhasa kwakhe umbono wokuthi uMsunduzi wenziwe umkhandlu dolobha.
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wekomiti lasePhalamende elibhekelele ukusebenza komnyango, ebelihambele eMsunduzi, izolo.
IDemarcation Municipal Board icubungula isicelo sokuthi uMsunduzi uhlanganiswe noMasipala waseRichmond, bese kwakhiwa umkhandlu dolobha.
UButhelezi uthe uMsunduzi ukulungele ukuba umkhandlu dolobha.
Ukusho lokhu ngesikhathi ephendula umbuzo welungu lekomiti, inkosi Zuzifa kaMangosuthu Buthelezi, ebuze ukuthi umkhandlu ukulungele yini ukuba umkhandlu dolobha njengoba usabhekene nezinkinga.
Inkosi uZuzifa ithe uMasipala waseMsunduzi ubhekene nenkinga yezimali kanye neyokuhlinzekwa kwamanzi.
“Kufanele sizibuze ukuthi ngabe lesi isikhathi esilungile yini sokuba umasipala wenziwe umkhandlu dolobha? Ngabe asandisi nje umthwalo?”
Kepha uButhelezi uthe kuningi okungazuzwa abantu baseMsunduzi uma umkhandlu ungenziwa umkhandlu dolobha.
UButhelezi uthe uMsunduzi uzothola isabelo esikhulu kumgcinimafa uma ungase ube umkhandlu dolobha.
“Kunezibonelelo eziqhamuka kuhulumeni kazwelonke, uMsunduzi ongazitholi njengamanje ngenxa yokuthi awusiwona umkhandlu dolobha.”
UButhelezi uveze ukuthi uMasipala waseMsunduzi ungase ukhishwe ngaphansi kweso lomlawuli maduze.
UMsunduzi uhlale isikhathi eside ungaphansi kweso lomlawuli, muva nje umnyango uxegise ukungenelela kwawo kulo mkhandlu.
UButhelezi uthe sezilungisiwe izinkinga eziningi ezazidale ukuthi uMsunduzi ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli.
“Ngizokwethula umbiko maduze emhlanganweni wekhabhinethi lesifundazwe. Ngokwami angisiboni isidingo sokuthi uMsunduzi uqhubeke ube ngaphansi kweso lomlawuli.”
Amalungu ekomiti abayingxenye yohambo apheke izikhulu zomkhandlu ngebhodwe elincane.
Amalungu ekomiti afune izimpendulo ngokumiswa kwemenenja yoMkhandlu, uMnuz Lulamile Mapholoba, owamiswa ngasekuqaleni konyaka.
Usihlalo wekomiti uDkt Zweli Mkhize, uthe ayibanikezi ukuthula eyokuthi uMapholoba wamiswa emsebenzini kungakapheli isikhathi eside eqashiwe.
Amalungu ekomiti aphinde abuza nangoxhasa lwezigidi zamaRandi lomasipala olunika iqembu lebhola iRoyal Am.
Amalungu ekomiti athe uR27 million umasipala oxhasa ngawo iRoyal Am kufanele ngabe usetshenziselwa ukuhambisa izidingo ebantwini.
Imeya kamasipala, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, akazange ande ngamagama ngesikhathi ephendula imibuzo yamalungu ekomiti.
Odabeni lukaMapholoba, uthe akakwazi ukukhuluma ngalo kakhulu ngoba kusenohlelo lokuqondiswa ubugwegwe oluqhubekayo.
Odabeni lokuxhaswa kweRoyal Am, nalo uthe akakwazi ukukhuluma kakhulu ngalo ngoba iDA yalufaka enkantolo.