LIHLEHLISELWE uNovemba, nonyaka, yiNkantolo yesiFunda yaseRichards Bay, icala lenkohlakalo nokukhwabanisa elibhekene nosigaxamabhande esiteshini samaphoyisa oLundi, oboshwe nozakwabo.
UColonel LJ Mdlalose noCaptain NW Mtolo bebevele kule nkantolo ngoLwesine olwedlule, ngamacala abasolwa ngawo enkohlakalo nokukhwabanisa. Lokhu kumayelana nokulahleka kwamadokodo amacala abikwe ngabagilwa bobugebengu abehlukene esiteshini samaphoyisa esisoLundi, nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Kuthiwa bese kungokwesibili laba bevela kule nkantolo emva kokuthi bethunyelelwe amasamanisi wuphiko loKlebe, ngenyanga edlule.
Inkantolo inqume ukulihlehlisela uNovemba 22, 2023, icala njengoba kusaqhubeka uphenyo.
Ngokomthombo weSolezwe ongeke udalulwe, uMdlalose wakhipha umyalelo wokuthi wonke amacala abikwa ngabagilwa engaqale ashicilelwe kwi-khompyutha nokuthi angaqale asetshenzwe, kulindwe umyalelo wakhe.
“Umphathi-siteshi wajuba uCaptain Mtolo ukuthi azise bonke abahola amathimba amaphoyisa abangena ngezikhathi ezehlukene ngomyalelo wakhe,‘’ usho kanje.
Inombolo yokuvulwa kwecala abathwese lona esiteshini samaphoyisa oLundi Isolezwe elinayo, iveza ukuthi lavulwa ngo-2021. Lo mthombo uthe ithumba libhotshozwe ngelinye lamalungu lomphakathi elalivule icala kulesi siteshi kodwa inombolo yecala langathunyelelwa yona.
Kuthiwa likubike komunye umphathi emaphoyiseni nokuyilapho kutholwe amadokodo angasetshenziwe efihliwe. Kuthiwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi, emva kwalesi sigameko, ujube ithimba ukuthi liphenye lezi zinsolo, okuholele ekuboshweni kwazo iziphathimandla.
Uveze ukuthi kukhona namanye amaphoyisa ayisikhombisa asagqigqa amacala okuqondiswa ubugwegwe ngaphakathi emaphoyiseni, kanti ukulalelwa kwawo sekuya ngasemaphethelweni.
Isolezwe lizamile ukuthola ukuphawula kwamaphoyisa esifundazweni, uphiko oluphenya amacala abucayi, oKlebe nophiko olubhekelele ukusebenza kwamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate, kodwa bonke abazange baphumele obala ekuqinisekiseni lesi sigameko kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Iphephandaba eliwuzakwabo weSolezwe i-Mercury, licaphune inkulumo encwadini kaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ePhalemende ephendula imibuzo yamalungu e-EFF nele-Freedom Front Plus, ayenxuse ukuthi aphumele obala ngesibalo samaphoyisa abhekene namacala ahlukene.
Kuvele ukuthi angu-6 843 athweswe amacala obugebengu obuhlukene eminyakeni emihlanu eyedlule. Lesi sifundazwe nje kuphela sinangu- 916, kanti i-Western Cape izihola phambili ngangu-1 360.
UCele uthe angu-688 amaphoyisa aseshushiswe ngempumelelo, kwaxoshwa angu-158, angu-31 awulaxaza umsebenzi, kwathi angu-19 athatha umhlalaphansi singakafiki isikhathi.