Kuboshwe iphoyisa leTactical Response Team (TRT) elisolwa ngokuzama ukubamba inkunzi lihlomile abantu abalehlule ngamandla base “bexoxa” nalo ngaphambi lokulinikela kozakwabo ukuthi liboshwe.
Leli phoyosa elinguSayitsheni elisebenzela iTRT eKapa belijutshwe ePort St Johns, e-Eastern Cape.
Okhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape uLieutenant Colonel Siphokazi Mawisa, uthe isigameko senzeke eMthumbane ngoLwesithathu.
“Ngokwemibiko, kusolwa ukuthi uSayitsheni ojutshwe ePort St Johns ubebamba inkunzi kuhlonyiwe lapho eshaywe khona ngabagilwa eMthumbane, ePort St Johns. Imininingwane iveza ukuthi ngesikhathi ebamba inkunzi, unqotshwe ngabagilwa base bemphuca isibhamu. Babikele amaphoyisa bawanikeza nesibhamu,” kusho uLt Colonel Mawisa.
Uthe umsolwa ubhekene necala lokutholakala nesibhamu esinngekho emthethweni nokubamba inkunzi kanti uphenyo lusaqhubeka.
“Uma eseluleme ekulimaleni uzobe esevela enkantolo yeMantshi yasePort St Johns.
Umkhuzi wamaphoyisa e-Eastern Cape, uLt General Nomthetheleli Mene uzugxekile izenzo zobugebengu embuthweni. Uthe ukuboshwa kwaleli phoyisa kukhombisa ukuthi ngeke bawabekezelele amaphoyisa enza ubugebengu ekubeni umsebenzi wabo kuwukulwa nobugebengu nokuvikela izakhamizi.