INJINGA yaseNingizimu Afrika, uMnuz Zunaid Moti isiqale uhlelo lokusiza osomabhizinisi abasebasha olubizwa ngeMotiMoves.
Kulolu hlelo uMoti uzocija osomabhizinisi ngamakhono abawadingayo ukuze izinkampani zabo ziphumelele, abaxhase ngemali abuye acathule nabo kulolu hambo.
Kuvela ukuthi osomabhizinisi bazoqeqeshwa online ukuze bezwe wonke amasu asetshenziswa wuMoti ukuze aphumelele.
“Akusikona ukuthi ngazi konke ngebhizinisi kodwa engingakuqinisekisa wukuthi ngeMotiMoves ngizowafeza amaphupho abantu abasha. Ngizobapha amasu azobalekelela ebhizinisini, uxhaso lwemali lokufeza lokho okufanele bakwenze ngicathule nabo kulolu hambo,” kusho uMoti esitatimendeni.
Uthe ubeke eceleni uR30 million wokuxhasa amabhizinisi abantu abasha ngoba uwumuntu okholelwa ekufakeni imali kosomabhizinisi abancane.
Njalo ngenyanga usomabhizinisi osemusha ozophumelela uzothola uxhaso lukaR50 000 ukuze kuphumelele amasu akhe ebhizinisi noma alekelele ibhizinisi lakhe aliqhubayo.
Uzobuye athole ukhiye wemoto kanokusho kaMoti iPorsche 911.
Ukuthola eminye imininingwane ngezinhlelo zikaMoti ungavakashela ku-www.zunaid-moti.co.za noma umlandele ezinkundleni zokuxhumana.