UNGQONGQOSHE wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya KwaZulu-Natal, uMnuz Super Zuma, weseka ikhwelo lokuba abalimi bangacishelwa ugesi.
UZuma uthe ukucishwa kukagesi kuphazamisa imikhiqizo yezolimo nokuholela ekunyukeni kwamanani okudla.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula isabelomali somnyango wakhe, izolo, esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
UZuma uveze ukuthi ezolimo zilahlekelwa kakhulu njengoba izwe liqhubeka nokuba ngaphansi kwezigaba ezihlukene zokucishwa kukagesi.
“Sithole izikhalo eziningi kubalimi abakhala ngomthelela wokucishwa kukagesi. Abalimi bayaphoqeka ukuba basebenzise imali eningi bethenga ama-generator, udizili nama-solar, ukuze babhekane nokucishwa kukagesi.
“Umphumela walokhu ukuthi umkhiqizo esizowuthola uzoba mncane kunolindelekile. Kunzima ukusho ukuthi yiziphi izithelo ezizotholakala ngaphansi kwale zimo. Abalimi abakhiqiza ubisi nabafuya izinkukhu bashayekile kakhulu. Okubi ukuthi ekugcineni abantu abazoshayeka kakhulu abathengi njengoba kuzonyuka amanani okudla.”
UZuma uthe bayayeseka imizamo kaNgqongqoshe wezoLimo kuzwelonke, uNkk Thoko Didiza, yokuba abalimi bangacishelwa ugesi.
“Sizoqhubeka nokuba nezingxoxo nezinhlaka ezahlukene ezithintekayo ukuze kutholakale isisombululo.”
Amaqembu aphikisayo athe uhulumeni akenzi okwanele ukwelekelela abalimi abakhahlanyezwa ukucishwa kukagesi.
Ilungu le-IFP, uMnuz Nhlanhla Msimang, linxuse uhulumeni ukuba angalushalazeli udaba lokucishwa kukagesi.
Uthe abafuyi bezinkukhu kanye nabakhiqiza ubisi bayaqhubeka nokukhahlamezeka njengoba kuqhubeka ukucishwa kukagesi.
“Akukuhle ukuba nithule, ningakhulumi ngokucishwa kukagesi ekubeni abalimi belimala. Izibalo ezikhishwe inhlangano yabalimi bomoba, iSA Cane Growers, zikhombisa ukuthi lo mkhakha ulahlekelwe u-R7 million ngenxa yokucishwa kukagesi.”
Ilungu leDA, uMnuz Hlanganani Gumbi, lithe ukuqhubeka nokucishwa kukagesi kuzoholela ekulahlekeni kwemisebenzi emkhakheni wezolimo.
“Abalimi esikhuluma nabo bayasitshela ukuthi bazama ngakho konke okusemandleni abo ukugwema ukulahleka kwamathuba emisebenzi kodwa abazi ukuthi bangakwazi ukukwenza lokhu kuze kube nini.”
UGumbi uthe amanani enyama yenkukhu asenyukile kakhulu ngenxa yokucishwa kukagesi.
Isabelomali somnyango singu-R2. 5 billion
Iningi lale mali lizosebenza ekuxhaseni abalimi ngembewu, imfuyo nezinye izinsiza kusebenza.
UZuma uveze ukuthi umnyango ubeke eceleni u-R8 million ozosetshenziselwa uhlelo lwezokutshala oluzokwethulwa emalokishini Inanda, uMlaza, KwaMashu, Mbumbulu naseMsunduzi.