UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal usulufake enkantolo udaba lokunqatshelwa komqoke njengomlawuli kuMasipala waseMtubatuba, uDkt Siyabonga Ntuli, ukuba angene emahhovisi omkhandlu.
Umnyango ufuna ukuthi inkantolo iphoqe umkhandlu ukuthi wamukele uNtuli njengeso lomlawuli uphinde umhlinzeke ngezinsiza zokusebenza.
Icala lifakwe eNkantolo eNkulu eThekwini kanti abaphikisayo banikezwe kuze kube u-Ephreli 24 ukuba bafake amaphepha abo.
Kuleli cala kumangalelwe umkhandlu nabaholi bawo.
Kusukela aqokwa ngasekuqaleni konyaka uNtuli akakaze akwazi ukungena emahhovisi omkhandlu.
Useze wavinjwa izikhawu ezimbili ababhikishi, ezama ukungena emahhovisi omkhandlu.
Ababhikishi abafuni ukuthi abuye kulo mkhandlu abekade eyimenenja yawo njengoba bekhala ngokuthi washiya izinto zimapeketwane.
Manje umnyango ufuna ukuba inkantolo iphoqe umasipala ukuba uvumele uNtuli ukuthi enze umsebenzi wakhe.
Isivimbelo sesikhashana sinqanda umasipala ukuba uvimbe uNtuli ukuba enze umsebenzi wakhe.
"Umasipala uyalelwa ukuba uhlinzeke uNtuli ngendawo yokusebenzela kanye nezinsiza zokusebenza. Umasipala uyalelwa ukuba wenze isiqiniseko sokuthi uNtuli uyakwazi ukwenza umsebenzi wakhe ngaphandle kwezihibe," kusho isinqumo sesikhashana esikhishwe uJaji Mohini Moodley.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Senzelwe Mzila, ukuqinisekisile ukuthi lolu daba balufake enkantolo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kweMenenja kaMasipala waseMtubatuba, uMnuz Thamsanqa Xulu, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni.
UNtuli unobudlelwano obungebuhle nobuholi bukaMasipala waseMtubatuba.
Ushiye ekubeni imenenja yalo mkhandlu ngonyaka owedlule.
Amakhansela amaningi awazange aye emhlanganweni wokuzomethula njengeso lomlawuli, owawungoJanuwari.
Lo mhlangano, owawubizwe yiNhloko yomnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu esifundazweni, uMnuz Thando Tubane, wagcina ubanjelwa emnyango ngenxa yokuthi wafika kuvaliwe endaweni okwakuhlelwe ukuba ubanjelwe kuyo.
Umkhandlu uphethwe yi-IFP ngokubambisana namanye amaqembu amancane.
Kwaba nesiphithiphithi emahhovisi omkhandlu ngesikhathi uNtuli ezama ukuyongena khona ngoJanuwari.
Izimoto zakhe zavinjwa ababhikishi, wagcina ejikile emva kokuthibelana nababhikishi isikhathi eside.
NgoLwesibili uphinde wazama ukungena emahhovisi omasipala kepha wavinjwa futhi.