UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal, uthi kuningi okwenzayo ukuze ulwe nokuthi izinkawu zizicanasele esibhedlela iRK Khan eChartsworth.
UMnuz Ntokozo Maphisa okhulumela umnyango, uthe indawo isibhedlela esikuyo iChatsworth njengazo zonke izindawo ezakhele iTheku inezinkawu eziningi, kodwa umnyango kuningi osukwenzile ukuze ulwe nokuthi izinkawu zizingenele ngokuthanda esibhedlela ikakhulukazi emawodini alele iziguli.
" Umnyango ufisa ukuxwayisa noma ibaphi abantu abazama ukufaka ipolitiki noma ukubhebhethekisa lolu daba, benzela ukuthi kubonakale sengathi akukho osekwenziwe ukulawula lesi simo ngempumelelo, okungelona iqiniso," kusho uMaphisa.
Usho kanjena nje kuleli sonto leli phephandaba lithunyelelwe izithombe nama-video akhombisa izinkawu zidla ukudla kweziguli zingaphakathi ewodini.
Iziguli zithi zingena ngamafasitela ngoba ahlale evuliwe ngenxa yokushisa.
Kuthiwa zivele zingene seziyiviyo zizitapele ekudleni kweziguli, abasanda kulaliswa emawodini kuthiwa bavele babaleke noma bazimboze ngamashidi.
Inhlangano esiza umphakathi ukuze ukwazi ukuxosha izinkawu iMonkey Helpline, ithe abaphathi besibhedlela abazilaleli izeluleko zayo zokuthi kuhlale kunomuntu okungaba unesi ewodini ozobe ephethe ibhodlela elinamanzi eliputshuzwayo nokuthi kutshelwe imindeni ukuthi ingaletheli iziguli ukudla okuningi okuyikho okuheha izinkawu.